BATHI sekuphele isonto benqatshelwa ukulayisha ePavilion abanikazi bezimoto ezingaphansi kwe-Uber abathi basatshiswa abeYo!Taxi.
Abashayeli abakhulume naleli phephandaba kodwa bacela ukungadalulwa ngoba besabela ukuphepha kwabo, baveze ukuthi uma beyolayisha ePavilion, abashayela i-Yo! Taxi bayabaxosha babatshele ukuthi ngeke kusebenze izimoto ezisebenzisa ubuchwepheshe baphesheya.
“Amakhasimende afike asibize. Uma sifika siyowathatha abeYo! Taxi bayasixosha bathi akufanele silayishe. Amakhasimende ayaphoqwa ukuthi agibele izimoto zeYo!Taxi uma engenawo ukheshi ayalelwa ukuthi ayokhipha imali kuma-atm noma ezitolo,” kusho omunye umshayeli.
Uthe babikile kwa-Uber ngoba sekuphele isonto benqatshelwa ukuthi balayishe.
“Udaba silubikile kwa-Uber kodwa akukho obesekwenzekile. Ukunqatshelwa kwethu ukulayisha kuyasihlukumeza ngoba kusiphuca isinkwa. Uma siyolayisha kuthiwa ngeke kusebenze izimoto zamaNdiya. Basithuka nangezinye izinhlamba engingeke ngikwazi ukukutshela zona ngoba uwumuntu wesifazane,” kusho umshayeli.
Akuqali ukuthi abashayeli be-Uber bakhale ngokusatshiswa abeYo! Taxi ngoba nangonyaka odlule babekhala esifanayo.
Kuthintwa abeYo! Taxi baziqhelelanisile nezinsolo bathi akekho umuntu abamhlukumezayo.
“Akusilo iqiniso. Sisebenza ezindaweni lapho abantu bedinga khona iYo!Taxi. Nangonyaka odlule bekunomkhankaso wokungcolisa igama lethu obuqhutshwa yi-Uber nabanye,” kusho abe-Yo! Taxi esitatimendeni.
Abakwa-Uber bacele imininingwane yabashayeli bathi bazolulandela udaba ukuze kutholakale isixazululo.