KUTHIWA umndeni wakwaNtuli ohola i-ANC KwaZulu-Natal usuhlukene phakathi ngenxa yokuhlukana kwemibono mayelana nombango wokuhola iTheku.
Emndenini wakwaNtuli oku-ward 1 KwaXimba kukhona uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uMnuz Bheki Ntuli, ogaqele ukubuya njengoNobhala eThekwini, noMnuz Thembo Ntuli, onguSihlalo we-ANCYL eThekwini.
Okuhlukanisa phakathi umndeni wukuthi uBheki usohlangothini lukaMnuz Thabani Nyawose kuthi uThembo ongumfowabo kaMdumiseni yena uhamba nohlangothi lukaNkk Zandile Gumede.
UThembo, osohlangothini lukaNkk Gumede obeyiMeya yeTheku oke waba nguSihlalo eThekwini, uphakanyiselwe esikhundleni sePhini likaSihlalo.
Osibhincamakhasana bathi uMdumiseni useka uhlangothi loBheki hhayi olunomfowabo omncane uThembo.
Okhulumela uhlangothi lukaNkk Gumede, uMnuz Mzo Dube, ukuqinisekisile ukuthi uThembo usohlangothini lwabo.
“UThembo onguSihlalo we-ANCYL eThekwini igama lakhe laphakanyiswa ngamagatsha e-ANC aseNtshonalanga neTheku athi angafisa abe sebuholini abe yiPhini likaSihlalo ohlangothini lukamama,’’ kusho uDube.
Uthe ohlangothini lwabo kabazikhetheli ukuthi ngubani ozongena esikhundleni esithile kodwa ngamagatsha aziqokelayo.
UDube uthe ipolitiki ayihambi ngolibofuzo kodwa ihamba ngokuthi wena unamuphi umbono.
“Umuntu uyabheka, acubungule ukuthi yena angangena kuphi khaxa bese ethatha isinqumo esincike ekutheni umbono wakhe uthni. Ngizokwenza isibonelo, siphuma esikhathini lapho izinsizwa zandawonye kade zihlukana kakhulu omunye abe yiNkatha omunye abe yiqabane kodwa ekugcineni nisuke niwumndeni,” kusho uDube.
Uthe abanye abantu bebethi uBheki uzozidlela amahlanga engqungqutheleni njengoba ehlobene noMdumiseni kodwa manje sekukhona uThembo ongumfowabo omncane kaMdumiseni okolunye uhlangothi.
UDube uthe umkhankaso wabo uhamba kahle kakhulu wathi bajabule ngendlela amagatsha abamukela ngayo.
Ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yesifundazwe, umndeni wakwaNtuli ububumbene njengoba uThembo noBheki babeseka uMdumiseni esikhundleni sikaNobhala njengoba manje izinto sezijikile.
Ebuzwa uNtuli (Bheki) uqale waphela yinsini wathi ngokwazi kwakhe uThembo unguSihlalo we-ANCYL eThekwini.
“I-ANCYL yathatha isinqumo sokuthi iseke uhlangothi lwethu iRRU (Renewal, Rebuild and Unity). Ngokwazi kwethu uThembo uboshwe yisinqumo esathathwa wuhlaka aluholayo. Kungenzeka ukuthi yisifiso sabo oDube ukuthi uThembo abe ngakubo.”
Imizamo yokuthola uThembo ayizange iphumelele. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nomyalezo athunyelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engawuphenduli.
Yize uBheki ethe ngokwazi kwakhe uThembo uboshwe yisinqumo sohlaka aluholayo kodwa uThembo kuthiwa wayekhona embuthanweni wekhokhasi kaNkkk Gumede ePinetown Civic Centre nakulapho waze wanikwa khona ithuba lokuthi athule inkulumo yakhe.