UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula usekuphikile ukuthi wayemsabisa usomatekisi waseLimpopo onameke izithombe zikaMnuz Ace Magashule nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma ematekisini akhe.
Embhalweni ekhasini lakhe kuTwitter izolo uMbalula uthe akaze amsabise usomatekisi uMnuz Stephen Sefofa ofake izithombe zalaba baholi be-ANC ematekisini akhe nombhalo othi “Hands off Bongani Bongo, Ace Magashule, Jacob Zuma. Fight against false allegations”.
Engxoxweni eqoshiwe phakathi kwalo somatekeisi noMbalula, uNgqongqoshe uzwakala embuza ukuthi amatekisi abhalwe kanje azohamba kuphi. Lo somatekisi uyazama ukuchaza ukuthi akahlangene nezimpi ezingaphakathi zeqembu yena akwenzayo ukwenziswa wuthando lwakhe lwe-ANC.
“Angazi ngakwenzani. Angikhumbuli kukhona okubi engakwenza khona. Mina ngizithandela i-ANC....ngiyakholelwa kuyo futhi ngiyakwazi esingenzele kona. Ngeke ngivuke ngingene ezintweni engingahlangane nazo...” kuchaza usomatekisi.
Uthe esachaza, uMbalula wamngena emlonyeni ethi ubuza ngamatekisi lawa afuna ukuwafaka emgwaqweni. Usomatekisi uqhubekile wazama ukuchaza ukuthi akaliboni iphutha ngakwenzile futhi ubengangeni izimpi ze-ANC.
“Cha, cha uyabheda. Impi kabani lena okhuluma ngayo? Ngeke afike eGoli lawa matekisi akho, yiza nawo uzobona...uzidonsela amanzi ngomsele wena, uzobona,” kusho uMbalula.
“Uzidonsela amanzi ngomsele ngokwenza izinto eziwumbhedo nezinto ezingahambisani ne-ANC egameni le-ANC. Yini le ozama ukuyenza? Inhlangano iyopha, amaqabane ahamba izinkantolo...yini inkinga yakho?” kubuza uMbalula.
Leaked phone call, Fikile Mbalula threatening ANC Members who are supporting Ace Magashule pic.twitter.com/OffV89cbgH
— Mr Handsome (@MrHandsome_ZA) April 14, 2021
Ephawula ngokusabalala kwale nkulumo eqoshiwe uMbalula izolo ukuphikile ukuthi wayemsabisa usomatekisi, wathi angaya esihogweni.
Ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe iDaily News uSefofa uthe usabela ibhizinisi lakhe ngoba uyasola ukuthi ungqongqoshe engasebenzisa amandla akhe ukumcindezela. Uthe uzobhalela uMengameli Cyril Ramaphosa acele ukuthi uMbalula aqondiswe ubugwegwe aphinde akhishwe nasesikhundleni sobungqongqoshe.