UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula usezwakalise ukuphoxeka ngendlela abantu abaphuza uphuzo oludakayo abaziphathe ngayo ngoMsombuluko kuvulwa izitolo ezidayisa utshwala.
Ekhuluma e-O.R Tambo International Airport ngoLwesithathu lapho abehlaziya khona ukuthi lesi sikhumulo sezindiza sikulungele kangakanani ukwamukela abagibeli, uMbalula uthe uyaqonda ukuthi akukho lula ukuphila ngaphansi kwemithetho kathaqa kodwa akahambisani nakubone ngoMsombuluko.
"Ayikho impendulo elula ezintweni esibhekene nazo. Ngisho nasematekisini akukho lula, bayawuphula umthetho bagcwalisa izimoto zabo mfi, nginezithombe, ngakho akukho la esingathi kulula khona," kusho uNgqongqoshe.
UMbalula uqhube wathi usale ephoxekile ebona abantu bekhuluma ezindabeni beveza ukuthi bebethenga utshwala ngokungemthetho bekhipha imali engango-R700 ibhodlela ngalinye.
"Abantu basho ezindabeni kuqoshwa bukhoma ukuthi bebethenga utshwala ngokungemthetho ngo-R700. Abantu bebomile ngemuva kwesikhathi eside bengaphuzi. Abantu bakithi ke labo. Abantu bafuna ukubhema, izidakwa zifuna ukudakwa. Siyazivulela izidakwa bese zibuphuza ngokweqile utshwala. Baya koTops (eSpar) namabhendi beyocula. Angikaze ngibabone abantu beshayela utshwala ihlombe. Siyisizwe esigulayo," kusho uMbalula.
UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli uMnuz Fikile Mbalula othi imphoxile indlela abaziphathe ngayo abantu bophuzo oludakayo kuleli ngoMsombuluko obekuwusuku lokuqala kuvulwe ukudayiswa kotshwala kuleli ngengoba bekuvaliwe. Isithombe:Ayanda Ndamane African News agency(ANA) UMbalula uqhube wagxeka labo abasasola uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma ngokuvalwa kukagwayi kuleli wathi udaba lukagwayi akuyona into ebhekene naye kuphela. Uncome abantu bakuleli abakhethe ukuhlala emakhaya kunokubuyela emasontweni njengoba sekuvumelekile ngaphansi kwesigaba sesitthathu sokuvalwa kwezwe, uthe lokho kukhombisa ukuthi iningi labantu bakuleli liyahambisana nemithetho kathaqa.
Uthe abantu kumele baqhubeke bayilandele imithetho ebekiwe yokuqikelela ukuthi bayavikelela kwiCovid-19 ngoba kusanezinto ngayo ngisho ososayensi abasazama ukuziqonda.