KUSHONE abantu abasha abangu-24 engozini kushayisana ibhasi ne-tekisi eduze kwaseGiyani, eLimpopo.
Le ngozi edlule nabantu abasha ekuthiwa bebevela emcimbini wokugubha usuku lwabantu abasha obuse Polokwane.
Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-R81 ngeSonto ebusuku.
Bonke abashonile bebehamba nge-Quantum, oyedwa osindile obegibele kuleli tekisi okhulumela amaphoyisa, uColonel Moatshe Ngoepe uthe ulimele kanzima.
“Kusolwa ukuthi ibhasi netekisi i-Quantum, bebephambana, base bashayisana. Ibhasi belivela eGiyani liya ngase Mooketsi, itekisi ibiqhamuka ngaseMooketsi, liya ngase Giyani. Ebhasini kulimele umshayeli nabagibeli ababili, baphuthunyiswe esibhedlel. Abangu -24 etekisini bashone ujuqu, oyedwa olimele uphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uColonel Ngoepe.
Kuthiwe uhlelo lokuqinisekisa imizimba yabashonile, iyaqhubeka.
Lena bese kuyingozi yesithathu eLimpopo kulempelasonto ende.
NgeSonto, kushone abantu abayisithupha kade kushayisana izimoto ezimbili emgwaqeni u-R81 ngaseGiyani.
Enye yezimoto igqamuke umlilo yasha, nabantu ababili ngaphakathi.
Kwenye ingozi yenzeke eGravelotte ngaphandle kwase-Phalaborwa ngoMgqibelo, kushone abantu besilisa ababili, kwalimala abangu-81 ngesikhathi ibhasi ebelithutha izitshudeni lishayisana ne-double cab (iveni). Abashonile bebehamba ngale veni beya eTzaneen.
Isitatimende esikhishwe uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula, unxuse abashayeli ukuba beqikelele emgwaqeni, belandele nemthetho womgwaqo kulempelasonto ende.