UMNIKAZI wendawo yobumnandi, iMax’s Lifestyle, uthe ukuphepha kwamakhasimende akhe yikho okuseqhulwini nokuyingakho ethathe isinqumo sokuthi awathuthe ukuze ezogwema ukuthi ashayele ephuzile.
UMax Mqadi ubekhuluma ngemuva kokuthi ethenge itekisi, iToyota Quantum, elithutha amakhasimende.
“Sifuna ukuthi abantu bafike bajabule kahle bazi ukuthi abakhathazekile ngokushayela uma sebegoduka,” kusho uMax.
Ngokombiko weWorld Health Organisation iGlobal Status Report on Road Safety 2018, kuzona zonke izingozi ezibikwayo ezidlula nemiphefumulo, eziphakathi kuka-5% no-35% zisuke zithinta utshwala.
Ngokwezibalo ezikhishwe wuNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uBlade Nzimande, ngezingozi zaphakathi kukaDisemba 1 noJanuwari 8, eKZN zibe ngu-267 futhi kwashona * -328.
“Kubalulekile ukuphepha kwamakhasimende ukuze engaphuzi bese eyashayela noma alayishe ngokweqile emotweni. Sike sahamba noNgqongqoshe wezokuThutha uMxolisi Kaunda sikhuluma ngokuphepha ngesikhathi sikaKhisimusi. Njengendawo edayisa utshwala kubalulekile ukuthi umuntu umphephise,” kuchaza uMax.
Uthe ukuthenga kwakhe itekisi ngeke kugcine kuphela ngokugwema ukuthi abantu bangashayeli bephuzile kodwa kuzonciphisa nesiminyaminya.
“Uma kuthiwa abantu abayisishiyagalolunye, labo bantu bazohamba ngemoto eyodwa. Ngeke umuntu eze ngemoto yakhe ngamunye ngaleyo ndlela kuphela nendawo yokupaka. Le tekisi izosiza kakhulu ukuheha izivakashi ngokuthi sizilande ehhotela sizilethe elokishini. Asisebenzi njengo-Uber noTaxify ukuthi sikulande ekhaya kodwa silanda abantu abangamaqoqo.”