UMaskanda uSgwebo Sentambo osematheni kulezi zinsuku emva kokuxabana no-Ayanda Melansi onguphrojusa kaJabul’ Ujule kuKhozi FM, usexolisile ngesenzo sakhe esiholele ekutheni avulelwe icala lokwehlisa isithunzi.
UVela Khoza odume ngelikaSgwebo Sentambo oseqophe ne-video wayifaka ezinkundleni zokuxhumana, uthi uyaxolisa kakhulu ngesenzo sakhe sokuthuka umuntu wesifazane ngalolu hlobo abethuka ngalo u-Ayanda.
Kwi-video uSgwebo Sentambo uthi: “Bafowethu, ngiyaxolisa kakhulu ngokuthuka u-Ayanda ngohlobo engamthuka ngalo. Ngibonile ukuthi ngenza iphutha ukuthi ngithuke umuntu wesifazane ngalolu hlobo. Sengimshayele ucingo naye u-Ayanda ngaxolisa, saxolelana naye. Mhlambe ngelinye ilanga niyongibona ngishuthe naye okuyinkomba yokuthi sesithelelene amanzi. Ngiyabonga nokungeseka kwenu kodwa sengicela ningamthuki manje u-Ayanda. Kukhona nezinhlamba ezingithusile ebese ngizizwa zibhekiswe kuyena ngoba bengingazi ukuthi kunenhlamba ethusa engathi uyadutshulwa,” kusho uSgwebo Sentambo.
Ethintwa uSgwebo Sentambo, ukuqinisekisile ukuthi impela usexolisile ku-Ayanda ngoba ubonile ukuthi wenza iphutha. Uveze nokuthi noTshatha Ngobe kudala emncenga ethi akaxolise ku-Ayanda ngokumthuka ngalolu hlobo.
U-Ayanda uthe ucela ukungaphawuli lutho ngalolu daba.
“Akukho engizimisele ukukusho ngalo. Bengingazi ukuthi usenze ne-video exolisa kodwa ngicela ukungaphawuli lutho,” kusho u-Ayanda.
Lo mculi wathuka u-Ayanda emva kokuthi eveze amagama ezinja zakhe aziqambe ngabaculi bakamaskandi okunguMfazomnyama, Mgqumeni, Nyonemhlophe, Sgwebo Sentambo noNtencane.