UMASIPALA weTheku uqinise idolo izakhamuzi ukuthi zizovulwa izikhungo zomkhandlu ezenza imisebenzi ebucayi ngesikhathi izwe livalwe thaqa izinsuku ezingu-21.
Isinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esilawula iTheku obungoLwesibili.
UMengameli Cyril Ramaphosa uthe izwe lizovalwa namhlanje phakathi kwamabili kuze kube * -Ephreli 16.
Isibalo samabhasi eTheku esincishisiwe sizobe sithutha abasebenzi abenza imisebenzi ebucayi. Abantu banxuswe ukuthi bakhokhe izikweletu ngekhompyutha noma ezitolo ezinkulu ngoba izikhungo oSizakala nezomkhandlu zizosebenza ngendlela engajwayelekile.
Azobe esebenza ama-life guard, abasika utshani nezihlahla, abasezikhungweni zokulothisa nabasebenza epaki, iMitchell Park Zoo. Abasebenzi abaqoqa udoti, abamanzi, ugesi, izicishamlilo, amaphoyisa nabase-call centre bazobe besebenza.
Umkhandlu uzolawula ukungena nokuphuma emathuneni. Uthe umngcwabo uvunyelwe ukuhanjelwe ngamalungu omndeni angeqile ku-20.
IMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda unxuse izakhamuzi ukuba zilandele imigomo ebekiwe ngokuvalwa kwezwe.
“ITheku lizoqinisekisa ukuthi iyalandelwa imigomo ebekwe wuMengameli Ramaphosa elwa nokubhebhetheka kwegciwane iCorona. ITheku linabantu abangaphezu kuka-3 million, ngakho sinezinhlelo zokuvikela impilo yabantu,” kusho uKaunda.
Uthe bakhe uhlaka losopolitiki nobuholi bomkhandlu obuphezulu oluhlangana kabili ngesonto kubhungwe ngezinhlelo zokulwa neCovid-19.
“Sakhe nekomiti lodokotela nochwepheshe eliselulekayo futhi lisibikele ngokushiwo wuMnyango wezeMpilo nabeNational Institute for Communicable Diseases. Sisiza nemiphakathi ngezenhlanzeko,’ kusho uKaunda.
Ngesonto eledlule iTheku limemezele izinhlelo zezokuphepha kwiCorona ngokuthi livale amabhishi, swimming pool, imitapo yolwazi, izigcini magugu, lanciphisa nesibalo sabantu abahambela amapaki.
ITheku linabantu ababalelwa ku-240 000 abahlala ezindaweni eziyimijondolo ezingu-590.
UKaunda uthe bazofaka amathangi amanzi kulezo zindawo ezingenawo amathoyilethi angomahambanendlwana.
Lezi zindawo zihlanganisa olindela, amahostela nezindawo okuhlaliswe kuzona abakhahlanyezwa izikhukhula.
“Sifake izigujana zensipho nemithi eyisibulali magciwane,” kusho uKaunda.
Uthe basebenzisana nezinhlangano ezingenzi nzuzo, bahlinzeka abahlala emigwaqweni ngezinsiza futhi bahlwaya indawo abazogcinwa khona.
Uqhube wathi basebenzisana nabamabhasi namatekisi baqwashisa abagibeli futhi banikezela ngemithi eyisibulali magciwane emarenki futhi bahlanza namathoyilethi emarenki.