IMeya kaMasipala iBig Five Hlabisa uMnuz Comfort Khumalo ekhala ngezakhamuzi ezigoloza ukukhokhela izidingo yize sebezehlisele
Image: Sithunyelwe
KUKHALWA ngezakhamuzi ezingaphansi kukaMasipala waseBig Five Hlabisa, okuthiwa zigoloza ukukhokhela izidingo.
Kuthiwa sezihlule ngisho sezincengwa nangokuthi ziphulelwe isikweletu kodwa kuthiwa aziyingeni eyokukhokha.
Lokhu kuvezwe yiMeya waseBig Five Hlabisa uMnuz Comfort Khumalo, esithangamini nabezindaba ebesibizwe yilo masipala muva nje.
UKhumalo uthe kumanje baphulele izakhamuzi izikweletu ngamaphesenti angu-40 ukuze zikwazi ukukhokhela umasipala okuzokwenza nabo bakwazi ukwenza kahle emalini emisa umkhandlu.
"Sesithathe isinqumo sokuthi sibe nendlela yokuqoqa izikweletu kulezo zakhamuzi ezifuna ukusikhokhela. Sizoqoqa izikweletu ngohlelo oluzophoqa ukuba izakhamuzi zisikhokhele kodwa lezo ezizimisele ngokuxoxisana nathi sivule izandla, ngoba yikhona okuzokwenza ukuthi sihlale sihambisa izidingo emphakathini, kulungiswe imigwaqo kanjalo nezinye izidingo ezidingekayo kuleli dolobha lethu elincane kodwa elingekho esimeni esigculisayo, nesidinga ukulithuthukisa ukuze kuze abatshalimali " kusho uKhumalo.
UKhumalo ubuye wethula isabelomali sonyaka esiqale ekuqaleni kwale nyanga esikuyo.
Uthe lesi sabelomali singu-R240 million.
Kulesi sithangami kubuye kwaba nokukhathazeka ngezinye izinhlelo zentuthuko.
Ezinye izinhlelo zentuthuko zibanjezelwe wukushona kukasonkontileka okuphoqe ukuba ithenda iqalwe kabusha ikhangiswe ukuze kutholakale omunye usonkontileka.
Ngaphandle kwalokho ushayelwe ihlombe umasipala ngokuthi kulesi sabelo mali esidlule, uthole umbiko oncomekayo kuMcwaningi Mabhuku Jikelele.
Related Topics: