Izindaba

Umasipala uphika isikweletu isibhedlela sijikisa iphoyisa leJMPD elidutshuliwe

Nonkululeko Nhlapo|Published

AbeNetcare baphika eyokujikisa iphoyisa leJMPD ngenxa yesikweletu sezigidi.

Image: X

KUPHOQELEKE ukuba lihanjiswe esibhedlela sikahulumeni iphoyisa elisebenza ngaphansi kukaMasipala waseGoli lijikiswa eNetcare Milpark Hospital.

Ngokubika kweSowetan Live, iMilpark ijikise leli phoyisa ebelisesimweni esibucayi kakhulu ngenxa yesikweletu sikamasipala esinguR35 million.

Nakuba u-Sarah Wissler ongusihlalo wekomidi elibhekelele ukuphepha komphakathi kulo masipala esekuqinisekisile ukuthi iphoyisa elilimele lisesimweni esibucayi njengamanje e-ICU yase-Charlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital, ufunge wagomela ukuthi uzofuna ukuthi kuphenywe ngazo zonke izikweletu ezingakhokhiwe ezingase zithinte abezimo eziphuthumayo.

Umasipala waseGoli ukhiphe isitatimende ezwakalisa ukushaqeka ngalokhu okwenzekile.

Ngokusho kwakhe, asikho isikweletu sikaR35 million kodwa singu-3.9 million futhi kunohlelo olusetshenziswayo lokusikhokha njalo ngesonto. 

Lo masipala uthi uphoxekile ngokwenziwe yileli sibhedlela sijikisa iphoyisa eliphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlani lisesimweni esibucayi kakhulu.

Umasipala uthi uhlela ukufaka izikhalazo nabeHPCSA ngesenzo salesi sibhedlela.

Umasipala waseGoli ugxeka isenzo seMilpark Hospital sijikisa iphoyisa ebelidutshuliwe ngenxa yesikweletu.

Image: City of Joburg

AbeNetcare bayayiphika imibiko yokujikisa iphoyisa. INetcare iqinisekise ukuzibophezela kwayo ekuhlinzekeni ukunakekelwa kubo bonke abantu, kuhlanganise namalungu e-JMPD, futhi iyazichitha izinsolo zokuthi iphoyisa linqatshelwe usizo oluphuthumayo. Bathi ngobusuku bango-Ephreli 30, iphoyisa le-JMPD lathola ukwelashwa okusindisa impilo e-Netcare Milpark Hospital. 

"Ukulandela ukunikezwa usizo yokuqala olukhethekile lweziguli ezilimele kakhulu futhi ezisengcupheni yokuphangalala, lithe sekunonakala ukuthi isimo salo sizinzile, labe selidluliselwa kwesinye isikhungo esifanele ngaphansi kokuqondisa kukadokotela ohlinzayo," kusho uDkt Erich Bock, umqondisi ophethe we-Netcare's Hospital Division.