NKOSIKHONA CELE
IMEYA yesiFunda iLembe, uMnuz Thobani Shandu yethule ngokusemthethweni uhlelo lokulwa nokugxaza kwamanzi ezingxenyeni ezahlukene zakule ndawo.
Lokhu ikwenze izolo ngesikhathi iseDarnela kuWard 2, nokuyilapho ifike yethula khona o-plumber okuyibona abazobhekelela amanzi agxazayo.
Ithe sekumosheke imali elinganiselwa kwizigidi eziyikhulu ngenxa yale ngwadla.
"Uma singayisukumeli le nkinga izodala ukuthi siqhubeke nokuthi silahlekelwe yimali,'' usho kanje.
Uthe bazibophezele ekutheni benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iyaxazululwa inkinga yokugxaza kwamanzi ezindaweni ezahlukene zeLembe.
Uveze ukuthi abasebenzi bakamasipala bazofundiswa nangezindlela ezahlukene ezingasetshenziselwa ukuqinisekisa ukongiwa kwamanzi.
UShandu uthe kumqoka kakhulu ukuthi amanzi asetshenziswe ngobuhlakani ukuze ezokongiwa.
"Amanzi ayisidingo esingatholakali kalula futhi esibizayo. Uma singawanakekeli namuhla, isizukulwane sethu esizayo siyobe singenalutho. Uma songa amanzi songa nemali,'' usho kanje.
Ukhumbuze amalungu omphakathi ngokubaluleka kokongiwa kwamanzi.
Uthe kuhle umphakathi uzijwayeze ukunciphisa amanzi owasebenzisa nsuku zonke.
Ubaphonsele inselelo yokuthi mababhukule benze isiqiniseko sokuthi bayabika njalo uma kukhona ukugxaza kwamanzi abakubonayo, kwazise kusuke kuzodla izigidi uma kwenzeke isikhathi eside.
Ikhansela lakule ndawo uMnuz Nkosinathi Ngema uthe kuyabathokozisa ukuthi iLembe liyayisukumela ingwadla yokugxaza kwamanzi kule ndawo.
Amalungu omphakathi akushayele elikhulu ihlombe ukwethulwa kwalolu hlelo. Azwakalise ukukhathazeka ngendlela amanzi agxaza ngakhona kule ndawo.
UMnuz Nhlanhla Buthelezi oyilungu lomphakathi uthe kuyajabulisa kakhulu ukubona umasipala ukusukumela ukugxaza kwamanzi.
Uthe kwesinye isikhathi agxaza kuze kufike ekutheni umgwaqo ugcine sewumanzi okuyinto athe ibibakhathaza kakhulu.
"Siyethemba ukuthi njengoba sekukhona umasipala nje uzobhekana nale nkinga izoke iphele ngoba yona isikhathazile,''usho kanje.