OCHWEPHESHE abasebenza ngogesi bakamasipala basebenza kanzima ukulungisa ugesi Isithombe: SIGCINIWE
UMASIPALA weTheku unxusa izakhamuzi ukuba zicishe izinto ezixhunywa kugesi ezingabalulekile uma kuyisikhathi sokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ukuze kugwemeke ukuthi uphinde uhambe. Esitatimendeni esikhishwe umasipala kuvela ukuthi kunezindawo eziningi ezingenawo ugesi kodwa lesi simo siyalungiswa.
Ukuhamba kukagesi kuthiwa kudalwa ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Ngokwesitatimende ochwepheshe abasebenza ngogesi bakamasipala basebenza kanzima ukulungisa ugesi kodwa ukusheshe kulunge kukagesi kuncike ekutheni umonakalo okumele ulungiswe ungakanani.
Kulesi sitatimende umasipala uqinisekise ukuthi kuneziphehlimandla ebese zilungisiwe kodwa ezinye zisalungiswa. Kuvela ukuthi ukuphinde kucishe ugesi emuva kokuthi kade ucishwe ngenhloso yokuwonga yi-Eskom kudalwa amandla kagesi uma usuvulwa. Ukuze kugwemeke ukuthi uphinde ucime, izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zicishe izinto ezisebenzisa ugesi ezingabalulekile ngesikhathi usacishiwe.
Uma ugesi usubuyile kuthiwa kumele izakhamuzi zingazivuli kanye kanye izinto ezisebenza ngogesi okubalwa kuzo ama-heater, aircons, geysers nezitofu. Kumele okungenani balinde imizuzu engu-15 ngaphambi kokuvula okunye okusebenza ngogesi uma sekukhona abakuvulile. Ukwenza lokhu kuzonciphisa amathuba okuthi kube nokucima kukagesi isikhathi eside kakhulu. UMasipala wazisa umphakathi ukuthi ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kunomthelela ongemuhle ezintweni zikagesi ngenxa yokuthi azidalelwe ukuthi ucinywe izikhawu eziningana njengoba kwenzeka. Lokhu bathi kudala ukuthi kube nokuphazamiseka kukagesi.
Related Topics: