ISILOMO esingumethuli wezinhlelo zemidlalo kwithelevishini nasemsakazweni, uRobert “Madluphuthu” Marawa (osesithombeni), sithi inkinga yodlame olubhekiswe kwabesifazane iyoxazululwa yiwo amadoda mhla ayeka ukukhohlisana wodwa uma endawonye.
Lo msakazi ubengesinye sezikhulumi emcimbini wokugubha uSuku lwamaDoda eMhlabeni wonke obuhlelwe yiCarling Black Label eSoweto, eGauteng izolo. Esithangamini kukhulunywe kabanzi ngokuba yindoda eqotho eneqhaza emphakathini.
“Kufanele singamadoda sihlukane nalo mkhuba wokuzazi ukuthi yithi izingqongqo. Izinkinga eziningi ziqala lapho. Asizame ukuzehlisa sitshelane amaqiniso,” kusho uMarawa. Uthe umqondo wamadoda wokufuna ukulawula uyingozi, yilapho okuqhamuka khona indlakadla. Ukhale ngokuthi amadoda ayakudidanisa ukuthi kufanele aqine abe qotho nokuba yizidlova ekubeni kunomehluko. Uthe isihlava sokuzikhohlisa kwamadoda sizala ukudlwengula okubhokile, ukushaya abesifazane nobaba abalaxaza izingane zabo.
Uthinte nendaba yokuxega komthetho wezwe, wathi nawo unomthelela odlameni olubhokile ezweni.
‘’Kugcina kuba sengathi izwe lethu kukwampunzedlemini ngenxa yokuthi abantu abazitholi izijeziso. Niyawazi nonke amacala lapho uthola ukuthi umuntu usuka phesheya e-UK azobulala umuntu lapha.’’
Uthe konke lokhu kudalwa ukuthi azikho izijeziso ezinzima kubahlukumezi. Inkulumo kaMarawa ishayelwe ihlombe yinqwaba yezethameli zomcimbi nomphathi wohlelo, uMasechaba Ndlovu naye ongumsakazi oyisilomo.
Isikhulu seCarling Black Label, uMnuz Grant Ferreira sithe bazizwa benomthwalo wokubamba iqhaza empini yokukhuza amadoda azitshela ukuthi anelungelo lokuphatha nokuhlukumeza.
“Isitha sokuqala sakho ndoda uwena uqobo lwakho. Mhla wanqoba lo muzwa omubi ongaphakathi konke kuzolunga” kusho uFerreira.
Umkhankaso njengoba wethuliwe uzokwelanywa eduze ngomunye waminyaka yonke kazwelonke, wezinsuku ezingu-16 zokukhuza ukuhlukumeza abesifazane nezingane.