Izindaba

Umaqondana akekho emhlabeni, usemaphusheni

MO NO-PHINDI|Published

KUBHALA uMonwabisi noPhindile Grootboom KUBHALA uMonwabisi noPhindile Grootboom

SIKESABA nengxoxo emnandi nentsha yenye yamabandla alapha eThekwini. Siqale inkulumo yethu ngesiphetho sokuthi ayikho into yokuthi umuntu nomuntu unobambo lwakhe nokuthi uNkulunkulu akanaye umuntu amubekele wena nje wedwa lapha emhlabeni.

Sikholelwa ekutheni le yobambo enye yezinkolelo-ze ezingenasisekelo seZwi.

Cabangisisa kahle le nto, uma kungukuthi uNkulunkulu ukubekele ubambo lwakho wazi kanjani ukuthi uqalaphi ukulifuna?

Mangakanani amathuba okuthi wena kula bantu abangaphezulu kuka-7 billion uzokwazi ukuguduza umhlaba wonke ufuna umaqondana? Uqala kuphi nje? Ngisho naseBhayibhelini akukho la uNkulunkulu atshela khona umuntu nomuntu ukuthi akayoshada nomunye. Ngisho naku-Adam uqobo, uNkulunkulu akazange amtshele ngokushada u-Eva, kodwa u-Adam owathatha isinqumo sokushada. Uma ukholelwa ukuthi kukhona la sishaya eceleni khone ngokweZwi, sibhalele kwimininingwane esekugcineni kwale ngosi.

Isikhathi esiningi sithola ukuthi kwabaningi indaba kamaqondana inesisekelo sephakade, nokuthi abanye bazitshele ukuthi kuyintando kaNkulunkulu. Amakholwa amaningi akholelwa ekutheni kunomuntu okhona uNkulunkulu amakhele wena wedwa nje. Abanye abazi ukuthi kungani bekholelwa ekutheni kukhona umaqondana kodwa basakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyomuletha ngelinye ilanga.

Thina sikholelwa ekutheni uNkulunkulu uyakuvezela abantu abaningi besekuba kuwena ukuthatha lo obona ukuthi uhambelana nawe. Umaqondana akekho emhlabeni kodwa ukhona kuphela emaphusheni akho.

Akuyena uNkulunkulu okubhekelayo ngoba uwena owazi izinto ozithandayo kumuntu ofuna ukuphila naye impilo yakho yonke. Kodwa ukuphupha ngomuntu obona ukuthi ungathandana naye, akusho ukuthi uNkulunkulu okhulumisana kanye nawe ukuthi umshade. Kakhulukazi uma lo omunye engaphuphanga ngawe, noma engenankolelo yokuthi kufanele nithandane.

Sekunokuhlumezeka okuningi kubantu, ikakhulukazi emasontweni, ngoba abantu bephushwa abanye bethi uNkulunkulu usethi abashade.

Baningi abantu abaphuthelwa abantu abangakwazi ukubathanda ngendlela ngoba basazitshela ukuthi balinde umaqondana. Ngesinye isikhathi umaqondana ilo muntu ozitshela ukuthi akuyena. Cabanga ngabantu abahlukanisayo, ngabe kuchaza ukuthi abashadanga nomaqondana babo? Laba abashonelwa abayeni noma amakhosikazi bona? Kwenzekani uma umuntu obushade naye ukholelwa ukuthi ubengumaqondana kodwa esethole omunye noma eseshade nomunye?

Ngabe kuchaza ukuthi bebengadalwelananga na?

Ukuchaza le ndaba yomaqondana kusifikisa esiphethweni esithi, okokuqala nje uma uhlangana nabantu abaningi empilweni yakho, ngakho ke ukukhetha okunguyena-yena kungumsebenzi wakho, hhayi okaNkulunkulu. Okwesibili, uma ukhetha ukushada, kumele futhi ukhethe ukuthembeka kulo omkhethile.

Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu okukhethele, kanjalo yena uNkulunkulu kumele asoleke uma izinto zingasahambi ngendlela emshadweni wakho.

Ngokwenza njalo, uNkulunkulu uyobe akaphulanga nje inkululeko yentando yakho, kodwa uphule ilungelo lalo omunye ukuthi anqabe.

Ngakhoke ukulinda uNkulunkulu ukuthi akutshele ukuthi uthande noma ushade bani akukona ukumthemba.

Kuwubuvaka nokuzenyeza okwenza abantu bangafuni ukuzenzela isinqumo sokuthandana kodwa bathi balinde uNkulunkulu.

Indaba kamaqondana nokuthi uNkulunkulu kukhona oyedwa emhlabeni akubekele yena, kwenza kwande ukuhlukanisa.

Lokhu kwenzeka uma kuqala kubakhona ukungaboni ngasolinye. Ngaphezu kokuhlala phansi sibonisane ukuxazulula izinkinga esibhekene nazo ebudlelwaneni bethu nesithandana nabo, sishesha sinqume ukushiya.

Lokhu sikwenza ngoba sinenkolelo ethi, ukube lo engithandana naye ubengumaqondana wami, besingekhe sixabane. Lokhu ubuwula othandweni.

Zikhethele wena ofuna ukumthanda, ungathathi lelo lungelo ulinike omunye umuntu, noma uliphonse kuNkulunkulu.

UMo no Phindi bangababhali bencwadi ethi Love Isn’t For Cowards futhi baluleka ngezobudlelwano.

Ungathumela imibuzo onayo ngezobudlelwano bothando, bazoyiphendula khona lapha ephephandabeni, ungazifihla igama lakho uma uthanda.

Ungathumela imibuzo yakho kwi-email ethi [email protected] futhi ningayiqhuba le ngxoxo ekhasini labo likaFacebook elithi: Mo & Phindi.