INKOSIKAZI kalowo owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Nompumelelo MaNtuli Zuma, isiphumele obala ngobunzima ebhekene nabo empilweni kulandela ukudingiswa emzini kaZuma eNkandla esolwa ngokumdlisa ushevu.
UMaNtuli ugonyuluke ngalolu daba kulandela isinqumo esiphume ngenyanga edlule sophiko lwezokushushisa kuleli sokuthi akekho ozoshushiswa kuleli cala ngenxa yokushoda kobufakazi. Kwavela ukuthi uMaNtuli usolwa ngetulo lokuzama ukudlisa uZuma ushevu ngoJuni ka-2014.
UMaNtuli ungunkosikazi wesine kaZuma kanti banezingane ezintathu. Ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo, uMaNtuli wadingiswa emzini kaZuma oseNkandla.
Njengoba uphiko lwezokushushisa lungeke lusamshushisa uMaNtuli, useveze ukuthi uhlela ukuluthathela izinyathelo zomthetho kanye noKlebe. Uthe uzobhalela inkantolo ecela bethule ubufakzi ababenabo obaholela ekutheni bamqoke njengomsolwa. NgoMsombuluko, ummeli wakhe uMnuz Ulrich Roux uthe bazothumela incwadi kwiNPA noKlebe uma sekuphela isonto.
"Sizothumela incwadi kuleli sonto bese sibanikeza izinsuku ezingu-30 ukuthi bayiphendule. Uma bengaphenduli, sizofuna amasamanisi enkantolo," kusho uRoux.
Ngempelasonto ekhuluma nabeNewzroom Afrika uMaNtuli ugonyuluke ngobunzima abhekane nabo kulandela ukubekwa njengomsolwa ekuzameni ukubulala umyeni wakhe.
"Yebo ngiyajabula ukuthi iqiniso seliphumile kanti nomhlaba usuyalazi iqiniso, kepha ubuhlungu busekhona. Ngangicabanga ukuthi umyeni wami uyangazi. Kwangethusa. Ngaphoqwa ukuthi ngihlolwe ngemishini (lie-detector test). Sathuthelwa emzini onegumbi lokulala elilodwa oseGreytown ukuze abantwana babe seduze nesikole," kusho umaNtuli.
Okhulumela uZuma uMnuz Vukile Mathebula uthe udaba olomndeni.
"Angeke ngikwazi ukuphawula ezindabeni zomndeni; uBaba uya enkantolo kusasa (namhlanje) kanti futhi umatasa ulungiselela imihlangano eminingi," kusho uMathebula.
UZuma kulindeleke ukuthi avele eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ukuzama ukulwa nesinqumo sokuqulwa kabusha kwecala lakhe lokushushumbiswa kwezikhali. URoux uthe selokhu uMaNtuli adingiswa, ubengalutholi usizo lwemali oluvela kuZuma noma umbuso.
Ohlelweni umaNtuli uphinde waveza ukuthi: "Sinabantwana bami besihleli ngokumpintshana. Ngacela ukubuyela ekhaya eNkandla kepha omunye wabasebenzi balowo owayenguNgqongqoshe wezokuVikelwa koMbuso uMnuz David Mahlobo wathi angivunyelwe ukubuyela eNkandla. Ngazizwa ngihlukumezekile," kusho yena.
URoux uphinde waveza ukuthi uZuma usababone kabili kuphela abantwana bakhe eminyakeni emithathu kanti futhi akamnakekeli uMaNtuli ngemali nokuyinto azoyilwela ngokomthetho.