USIHLALO we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, usephonsele inselelo inhlangano ebusayo eZimbabwe, iZanu-PF ukuthi ikhiphe izimfihlo esabise ngokuzidalula mayelana nohambo lwe-ANC lwaseZimbabwe.
Uhambo lwabaholi be-ANC lwangonyaka owedlule lapho yayiyohlangana khona nobuholi be-Zanu-PF lwasusa umsindo ngesikhathi kuvela ukuthi leli thimba lwahamba mahhala ngendiza yombutho wezokuvikela eyayihambise uNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, owayeye kuleliya lizwe ngokomsebenzi kahulumeni.
UNkk Mapisa-Nqakula wahlawuliswa umholo wezinyanga ezintathu mayelana nalesi sigameko.
Muva nje, iZanu-PF isisabise ngokubhobosa ithumba mayelana nalolu hambo.
Kepha uMantashe uthe akazi ukuthi iyiphi le mfihlo iZanu-PF ethi izoyidedela kepha wathi le nhlangano kuzofanele iyeke ukusabisa, ivele iyidedele leyo mfihlo.
“Asikwazi ukuba nomakhelwane ohlezi njalo esisabisa. Ubudlelwano bethu neZimbabwe ( Zanu-PF) buhlezi bunezinsongo nokwesabisana. Ayingiphathi kahle le nto.
“Uma kuwukuthi iZanu-PF ifuna ukugeqa amagula mayelana nomhlangano wethu, abakwenze lokho. Ngiyafisa ukwazi ukuthi yiziphi lezo mfihlo abafuna ukuziveza,” kusho uMantashe.
UMantashe ubekhuluma kwiNewzroom Afrika izolo.