UNGQONGQOSHE wezokuMbiwa Phansi kuleli uMnuz Gwede Mantashe utshele iPhalamende ukuthi cishe kuzophela iminyaka emibili elakuleli libhekene nenkinga yokucishwa kukagesi.
Usho lokhu ephendula njengoba bekunenkulumompikiswano ngenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa.
UMantashe uthe kunezingqinamba kwa-Eskom eziholela ukuba ugesi ulokhu ucishwa.
“Izinkinga ziholela ukuba i-Eskom ingakwazi ukuhlangabezana nesidingo samakhasimende sokuletha ugesi owanele, ngakho ugesi usazocishwa.”
Uthe basebenza kanzima ukuxazulula isimo ababhekene naso.
“Mengameli omasipala bayakwazi ukuthenga ugesi kwabanye abantu.”
UDkt Nkosazane Dlamini Zuma, onguNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, unxuse omasipala ukuba belekelelane ekuletheleni abantu intuthuko ikakhulukazi abantu abasemakhaya nabangasebenzi.
“Kuyacaca uma singabhekani nodaba lokubhekela abantu basemakhaya, nabantu abangasebenzi sizoba senkingeni.”
URamaphosa kulindeleke ukuba aphendule namhlanje.
Khonamanjalo ilungu lePhalamende uMnuz Boy Mamabolo uthe asimkhathazi isinqumo somholi we-EFF sokumyisa enkantolo ngodaba lokuthi ubehlukumeza unkosikazi wakhe. UMalema nonkosikazi wakhe babopha uMamabolo, bafuna akhokhele umuntu ngamunye uR1 million ngokubahlambalaza.
Izolo uMamabolo uthe akazange akhulume namuntu ngaphandle kwasePhalamende ngalolu daba. Uthe uzozivikela enkantolo uma lolu daba luqhubeka.
“Sizohlangana enkantolo. Ngizoletha ubufakazi ngengikwaziyo enkantolo,” kusho uMamabolo.
UMalema uthe yena wazi ukuthi uRamaphosa owayehlukumeza unkosikazi wakhe ongasekho, uNomazizi.