IMEYA yaseCape Town, uNkk Patricia de Lille, isinikezwe usuku lwangoMsombuluko njengomnqamulajuqu ukuthi ichaze ukuthi kungani kufanele ingasuli ekubeni yimeya yakuleli dolobha.
Amahlebezi okuthi ubhekene nale nkinga, aqale ukusabalala ngoLwesine. Naye uNkk De Lille ukuqinisekisile kwiCape Argus esesitebeleni esisodwa neSolezwe ngoMgqibelo, ukuthi uthole incwadi ivela kwiFederal Executive (FedEx) yeDA, emazisa ukuthi esule esikhundleni, okanye achaze izizathu ezizomenza aqhubeke.
Okhulumela uNkk De Lille, uNks Zara Nicholson, utshele iphephandaba ukuthi imininingwane esibaliwe, ifinyelele kuNkk De Lille.
“Njengamanje usabonisana nabameli bakhe. Uma eseqedile ukukwenza lokho, uzowazisa umphakathi,” kusho uNks Nicholson.
Okhulumela iDA kuzwelonke, uNksz Phumzile Van Damme, oyilungu lePhalamende lale nhlangano, ubhale esitatimendeni ukuthi lokhu kwenzeke emva kokuthi ithole izinselelo mayelana nokusebenza kwale nhlangano edolobheni laseCape Town.
Usihlalo weFedEx, uMnuz James Selfe, akazange ayiphendule imibuzo athunyelwe yona yiCape Argus nge-email.
Imithombo engaphakathi kule nhlangano, ecele ukungadalulwa, ithe imininingwane ngalolu daba ithunyelwe kusotswebhu omkhulu wayo kuleli dolobha, uMnuz Shaun August, nakuSomlomo womkhandlu, uMnuz Dirk Smit.
USmit wenqabile ukuphawula. Uma kwenzeka uNkk De Lille esula esikhundleni, oyiphini lakhe uMnuz Ian Neilson, uyena ozothatha izintambo okwesikhashana abe yimeya.