Izindaba

UMandoza uzokwenza adume ngakho eMgababa

Sizwe Blose|Published

UMANDOZA uzojabulisa abantu kuMgababa New Year's Picnic. UMANDOZA uzojabulisa abantu kuMgababa New Year's Picnic.

SIZWE BLOSE

ABAGQUGQUZELI boMgababa New Year’s Picnic bathi basazoqhubeka nokuletha abaculi abadala ngoba abantu bakhombisa ukubathanda kakhulu.

UTate Mchunu uthe bona benza lokho okufunwa ngabantu abahambela le ndumezulu yomcimbi oba mhla lulunye onyakeni omusha.

Uveze ukuthi selokhu waqala lo mcimbi eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule sebelethe abaculi bakudala abafana neTrompies, Mdu Masilela, Joe Nina, Babsy Mlangeni, Steve Kekana, Soul Brothers, Oskido nabanye.

“Kulo nyaka sibuyise uMdu Masilela ngoba abantu bethi bayamdinga futhi. Ngonyaka ozayo, (1 Januwari 2015) sizoba neMambazo ngenxa yabo abantu abathe bayayifuna futhi yize seyike yabonakala esiteji saseMgababa,” kuchaza uTate.

Uthe kule khonsathi bazophinde bahlasele ngoMandoza wodumo lwe Nkalakatha ngoba umphakathi ohambela lo mcimbi kudala ubacela njengabagqugquzeli ukuthi babalethele lo mculi.

Uthe okuhle wukuthi baqedile ngesivumelwano nalo mculi sekusele ukuthi azojabulisa abantu ngosuku lomcimbi.

“Okuhle wukuthi ngosuku lomcimbi umphakathi wendawo uyazuza njengoba uthola ithuba lokudayisa uphinde ulekelele abantu ukuthi bapake izimoto emzini yawo bese bezitholela amasenti.

“Uma sihlanganisa lo mcimbi siyaye sibeke phambili abantu bendawo, siqasha bona kakhulu,” kusho uTate.

Uthe basazoqhubeka nokungenisa abantu mahhala kodwa wathi kulokhu kuzoba neGolden Circle amathikithi ayo azotholakala kumaComputickets.

Uphethe ngokuthi uhlu lwabaculi abazobe benandisa luzobajabulisa kakhulu abantu kodwa okwamanje akakazoludalula.