USHAQEKILE umphakathi waseChesterville, eThekwini, ngesenzo sowesifazane okuthiwa uzikhunge ngemuva kokwenzela ingane yakhe enonyaka, umcimbi wokugubha usuku lwayo lokuzalwa ngoMgqibelo.
Kuthiwa uNksz Nontokozo Prudence Mkhwanazi (32), uzikhunge egunjini lokulala kubo kababa wengane, obelele. Encwadini ayishiyile kuthiwa ubhale ukuthi usekhathele impilo yasemhlabeni, useyozama eyasezulwini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu eliphenywa amaphoyisa aseCato Manor. UCaptain Gwala uthi ngo-3.35 ekuseni emgwaqweni uBhekuzulu eChesterville, kuthiwa kutholwe isidumbu somuntu wesifazane sikhungiwe ophahleni lwendlu. Uthe uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Isolezwe lithole ukuthi umufi ubejabule ngesikhathi somcimbi, edansa ebhiyoza aze agonane nobaba wengane yakhe, engakhombisi izimpawu zokuthi kukhona okumphethe kabi.
Amalungu omndeni kayise wengane kuthiwa ashaqekile uma esebona isidumbu sikaNksz Mkhwanazi silenga. Ingane ibilele nogogo wayo kwelinye ikamelo njengenhlalayenza.
UNksz Zethu Mazibuko ilungu lomndeni kababa wengane, uthe basele nemibuzo engenakuphendulwa muntu ngoba ubengakhulumi uNksz Mkhwanazi ngenkinga anayo.
UNksz Mazibuko uthi umufi uzikhunge ngesikhathi uyise wengane ezunywe ubuthongo.
“Siphatheke kabuhlungu futhi kusishaqile ukuzibulala kukaNontokozo. Sisele nemibuzo engeke iphendulwe muntu ngoba nasencwadini akashongo ukuthi uzibulaleleni,” kusho uNksz Mazibuko.
Uqhube wathi umufi wake wazama ukuzibulala ngokusika imithambo yengalo waphinde wanqandwa efuna ukuziphonsa emgwaqweni.
“Umndeni kamufi usitshele ukuthi ubesezame izikhathi eziningi ukuzibulala kodwa engabatsheli isizathu sakho,” kusho uNksz Mazibuko.