Izindaba

Umama uvikele umndeni wakhe elwa nezigebengu

Nonthuthuko Ngubane|Published

UBEKE impilo yakhe engozini evikela umndeni wakhe owesifazane oneminyaka

engu-49 waKwaBester eThekwini, elwa nezigebengu ezigqekeze emzini wakhe zifuna ukuntshontsha.

Owesifazane igama lakhe esingeke silidalule ukuvikela yena nomndeni wakhe, ngoLwesithathu ngabo-1 ekuseni uhlaselwe izigebengu ezimbili ebezihlome ngesibhamu.

Kuthiwa abasolwa ababili bangene ngophahla kwakhe.

Kuthe uma bengena, owesifazane obenezingane zakhe nabazukulu belele wavuka wazibambela kubasolwa.

Kuthiwa ubambane nezigebengu washo ukuziqeda ngesibhaxu, esinye saphuma sabaleka.

Ngesikhathi esisele sesimklinya ukhalile, indodakazi yakhe eneminyaka engu-24 yaphuma ekamelweni izolekelela unina.

Isolezwe likhulume nendodakazi ethe iyasola ukuthi izigebengu zibahlasele ngoba zazi ukuthi bangabesifazane futhi bahlala bodwa.

“Besiyisithupha endlini, singabesifazane kukhona nengane enezinyanga ezintathu. Kuthe uma sizwa izigebengu zingena ngophala umama wazama ukusivikela ngokulwa nazo. Esinye sibalekile. Lesi esinye sibe sesiklinya umama. Ngizwe esekhala ethi kungcono amdubulele endlini. Lawo mazwi angikhiphe ekameleni, ngayosiza umama. Sibe sesilekelelana silwa nesigebengu, sasinqoba. Sabe sesicela usizo,” kusho indodakazi.

Ithe ngesikhathi bembula umsolwa ubuso babonile ukuthi umfana wasendaweni, ohlala ngezansi komgwaqo wabo.

“Siyasaba kakhulu emuva kwalesi sigameko ngoba abantu abasihlasele bayasazi. Bayazi ukuthi sihlala sodwa njengoba eboshiwe nje asazi ukuthi kuzokwenzekani.”

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sehlo wathi oboshiwe uzovela enkantolo maduze ngecala lokugqekeza.

“Namhlanje (ngoLwesithathu), ngo-1 ekuseni kungene abasolwa ababili komunye umuzi KwaBester. Kuthiwa bawele efenisheni, kwaba nomsindo ovuse amalungu omndeni. Omunye ubanjiwe, omunye wabaleka nesibhamu.

“Obanjiwe ushaywe umphakathi. Amaphoyisa aseNtuzuma abiziwe, athatha umsolwa amyisa esibhedlela. Uqashwe amaphoyisa khona. Kuvulwe icala lokugqekeza nelokweba,” kusho uMbele.

Omunye umsolwa usathungathwa.