Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA) Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA)
ISIKHULU esiphezulu senhlangano ebhekele izinga lika-matric kuleli Umalusi, uDkt Mafu Rakometsi, sithi kabazi ukuthi i-Covid-19 izoba namuphi umthelela ezivivinyweni zika-matric kulo nyaka.
URakometsi ubekhuluma namalungu ekomiti lezemfundo ePhalamende izolo.
Uthe ngeke bawehlise umsebenzi abafundi baka-matric abazovivinywa kuwo kulo nyaka kodwa futhi abazi ukuthi iCovid-19 izoba namuphi umthelela.
URakometsi usho lokhu ngesikhathi ebuzwa ngamalungu aleli komiti ukuthi iCovid-19 izoba namuphi umthelela kubafundi.
“Nathi sifana nani, asazi ukuthi i-Covid-19 izoba namuphi umthelela kubafundi. Asikwazi ukwehlisa umsebenzi abazovivinywa ngawo,” kusho uRakometsi.
Ubuye waveza ukuthi le nhlangano ishoda ngoR7.07 million esikhwameni sayo selokhu sehliswa ngo-2%.
“UMalusi noMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, babheka ezinye izindlela zokungenisa imali. Sizokhuluma naboMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ngomthelela we-Covid-19 kwezemfundo,” kusho uRakometsi.
Amalungu ekomiti lezeMfundo okubalwa noSihlalo walo, uMnuz Elleck Nchabeleng, azwakalise ukukhathazeka ngobuningi babasebenzi emahhovisi oMalusi.
“Sikhathazekile ukuthi Umalusi unabasebenzi abaningi kodwa awukwazi ukuheha abasebenzi abanamakhono adingeka kakhulu kule nhlangano ngenxa yokuthi abakwazi ukubaholela imali abayidingayo. Siyezwa nokuthi abasebenzi banikwa umsebenzi omningi. Kuyasijabulisa ukuzwa ukuthi noma kune-Covid-19 abafundi bazovivinywa kahle ngeke lehle izinga lesitifiketi sika-matric,” kusho uNchabeleng.
Uthe bakhathazekile ngoba abantu abakwazi ukulungisa izindaba zezitifiketi zabo zika-matric njengamanje kodwa uMalusi uyaxoxa noNgqongqoshe bezemfundo ukuze ukwazi ukwenza imisebenzi ethinta izitifiketi zabantu.
UNchabeleng uthe bafuna kubhekwe nezifundo ezenziwa ngabafundi ukuze zihambisane nezikhathi zamanje, kuqashwe nothisha bezifundo ezintsha.