ITHATHWE yayogcinwa osonhlalakahle endaweni ephephile ingane yomfana eneminyaka eyisikhombisa okusolakala ukuthi inenebulwe ngemvubu maqede yadliswa inyama yenja efile umalume wayo obeyisola ngokuthi iyona eyibulele.
Usagcwele amathafa umsolwa oneminyaka engu-35 wasesigodini eQakwini, eMfekayi eMtuba ofunwa ngamaphoyisa ngalesi sigameko.
Ilungu lomndeni elixoxe neSolezwe, lacela ligodlwe igama lalo lisaba lomalume okuthiwa uyisidlamlilo, lithe isigameko senzeke ngeSonto eledlule. Ingane edliswe inja ibifunda uGrade 1 eBabazani Primary.
Lilandise lithe lengane, eyashonelwa unina futhi uyise abangamazi, beyigeza emnyango kwaqhamuka umalume wayo ebhodla umlilo wafike wayibuza ukuthi iyibulaleleni inja yakhe.
Kulowo mnyama kuthiwa umalume waqala wayingenela ngesibhaxu, eyimuhluza nangezibhakela, izinduku ayeyishaya ngazo ziphukela kuyona.
Kwala ngisho ugogo wengane okuthiwa akaboni emehlweni eyikhuzela kodwa waqhubeka umalume wayo wayishaya eyithela nangamanzi eyayigeza ngawo okwakuthi uma ephela akhe amanye ayibhunyele.
“Kwathi uma ekhuza nobhuti kamsolwa omdala naye wathukwa ebizwa ngenkubela njengoba ashaywa isifo sohlangothi. Kwahluleka nomakoti kamsolwa ethi uyakhuza sonke sithenjiswe isibhaxu esingasukumi phansi,” kusho ilungu lomndeni ngokukhathazeka.
Kuthiwa lendoda igcine iyalele ingane ukuthi ilume izindlawu zalenja izihlafune kodwa ingazigwinyi kodwa iziphimisele phansi ngaphambi kokuthi umsolwa ayoyigqiba lenja eyayifile.
Kuthiwa bezibukela ezinye izingane zakulo mndeni ezingu-12 ngesikhathi umalume enenebula umshana phambi kwazo okuyisenzo okuthiwa sishiye umndeni nomakhelwane beshaqekile.
Ingebhe ekhungethe lomndeni kuthiwa ibangelwa ukuthi umsolwa ofunwa ngamaphoyisa obalekile kubo ushiye esongile ethi uzobuya azosoconga kwasani kulomndeni.
Manje amaphoyisa kuthiwa agqigqa kulo mndeni ethungatha umsolwa. NgoMsombuluko kuthiwa inkosikazi yalo wesilisa ongumsolwa ihudulelwe ehlathini umsolwa okuthiwa ufike wayishaya kanzima eyisola ngokuthi iyamdayisa ohlangothini lwabantu abagxeka isenzo sakhe.
“Lento yenzeka nje vele impilo ayiyinhle ekhaya siphila ngokuhlukunyezwa ilendoda ebalekile. Ishaya kwasani ephambi kwayo asazi noma ihlanyiswa ilensangu eyibhemayo. Uma ukhuluma naye uvele avuke umbhejazane asho ukuqeda umuntu manje. Kusishiye sithukile futhi sisashaqekile ukuthi usengaze adlise ingane inyama yenja ayisola ukuthi ibulawe iyona,” kusho ilungu lomndeni.
Kuthiwa osonhlalakahle bahambe naye umakoti nezingane zakhe ezintathu beyobabeka endaweni ephephile. Kuthiwa lomakoti naye ubhobokile ukuthi uhlezi eshaywa kanzima umsolwa uma kukhona amsola ngakho, amthembisa ukumbulala.
Kuvele nokuthi akekho umuntu osebenzayo kulomndeni kodwa uphila ngemali yesondlo sezingane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMtuba aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza mayelana nalesi sigameko. Uthe kusolakala ukuthi ngo-Agasti 22 nonyaka ingane eneminyaka eyisikhombisa ishaywe ngemvubu isihlobo sayo kubo eQakwini.
“Umguilwa ubenemivimbo yokushaywa emzimbeni. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo lwawo,” kusho uCapt Gwala.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza usigxeke wangahloniza lesi sigameko. Uthe bamdinga eboshiwe umsolwa ngesenzo sakhe esinonya.