UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema usephumele obala wachitha isicelo sikaMengameli wezwe ne-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa sokuthi abuyele kuKhongolose.
UMalema uthe akaziboni ebuyela kwi-ANC ngemuva kokunxenxwa wuRamaphosa nePhini lakhe uMnuz David Mabuza.
UMabuza uthe kwaba yiphutha ukuxoshwa kukaMalema. Nomama wesizwe uNkk Winnie Madikizela-Mandela usenanele lelo khwela, wathi uMalema akabuyele enhlanganweni.
Ephendula ekhasini lakhe leTwitter izolo, uMalema uthe akaziboni ebuyela kwi-ANC.
“Ngeke ngikwenze lokho. Leyo nto ifile. Okubi kakhulu manje wukuthi banomengameli ababili, oyedwa umengameli we-ANC eNatal, obizwa ngoZupta noRamaphosa. Manje mina kumele ngibuyele kulokho kuxokozela? Angisoze,” kuloba uMalema.
Liphawula ngalolu daba ekhasini lalo kwiFacebook, iPhini likaMalema, uMnuz Floyd Shivambu, lithe kuyacaca ukuthi i-ANC ayinaye umholi osezingeni likaMalema.
“Esingabayalela khona nje abe-ANC wukuthi abazojoyina i-EFF uma befuna ubuholi obuqondile,” kusho uShivambu.
Ngaphandle kokunxenxa uMalema, uKhongolose uthi ufuna nomholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa ukuba naye abuyele ekhaya.
Eziphendulela noHolomisa uthe akasoze abuyela kwi-ANC. Umhlaziyi wezepolitiki waKwaZulu-Natal uMnuz Protus Madlala uthe akamboni uMalema ebuyela kwi-ANC. “UMalema uzazi kakhulu. Ngeke abuyele kwi-ANC. Uma engenza lokho ngabe uvumela ukuthi iqembu lakhe ligwinywe yi-ANC,” kusho uMadlala.
Uthe hlawumbe abantu abanjengo Holomisa noMnuz Mosiuoa Lekota weCope bangabuya ngoba ukubuya kwabo kungabe kusiza bona njengoba amaqembu abo engenzi kahle.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo, uthe maningi amathuba okuthi uMalema abuyele kwi-ANC.
“Uma ubheka ukuvumelana okukhona phakathi kwe-ANC ne-EFF odabeni lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwezinxephezelo nomoya okhona ePhalamende, kusukela kuthathe uRamaphosa, singasho sithi kungenzeka indoda ibuyeke ekhaya,” kusho uKhumalo.