UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uzidonsela amanzi ngomsele ngomthetho oyalela ukuba abaholi ababhekene namacala ukuba bashenxe ezikhundleni, ozochaphazela uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule.
Ethula inkulumo yokuvala umhlangano wesigungu esiphezulu, uRamaphosa umemezele ukuthi abaholi ababhekene namacala bazonikezwa izinsuku ezingu-30 ukuba bashenxe ezikhundleni noma bamiswe, uma behluleka ukushenxa kulezi zinsuku abazinikiwe, bazomiswa eqenjini.
UMagashule ungomunye wabaholi be-ANC ababhekene namacala njengoba engaphandle ngebheyili kaR200 000, kulandela ukuboshelwa icala lenkohlakalo elimayelana nethenda yezigidi zamaRandi yokulungiswa kwezindlu zetsheboya eFree State.
UMalema uxwayise ngokuthi ukumisa uMagashule emsebenzini kungadalela i-ANC izinkinga.
UMalema uthe okungcono i-ANC, bekufanele iqale ngokunxenxa amagatsha ayo ukuba aseke lesi sinqumo.
“Isikhundla sikanobhala jikelele sibaluleke kabi. Awukwazi ukuthi ungavele uxoshe unobhala jikelele ngomhlangano weZoom. Bekufanele babize ingqungquthela ekhethekile, batshele amagatsha ukuthi sinenkinga ngesikhundla sikanobhala jikelele, bese kuba ngamagatsha athatha isinqumo sokuchitha unobhala jikelele.
“Lesi sinqumo akufanele sithathwe yingcosana nje yabantu. Le nto bayenza kuNkk Winnie Madikizela-Madela nakuMnuz Jacob Zuma kepha kwathi uma sekufikwa kwizingqungquthela, amagatsha aziguqula lezo zinqumo. Namhlanje sineqembu elibizwa nge-EFF, elidlisa i-ANC ngamapayipi. Leli qembu lasungulwa ngenxa yawo amaphutha anje.”
UMalema uthe amalungu e-ANC amthanda enamacala uMagashule, wathi bamkhethe evele elandelwa ifu elimnyama.
Izolo, okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe onobhala bezifundazwe basazohlanganisa uhlu lwabo bonke abaholi ababhekene namacala.
KwaZulu-Natal babalelwa ku-10 abaholi ababhekene namacala enkohlakalo.
IPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal; uMnuz Mike Mabuyakhulu, kanye nelungu lePhalamende uNkk Zandile Gumede, bangabanye babaholi ababhekene namacala.
Laba baholi bake bashenxa ezikhundleni ngonyaka odlule kepha babuye babuyiselwa emsebenzini kulandela ukuvela kwabo phambi kwekomiti elibhekele ukuziphatha kwamalungu e-ANC, i-Intergrity Commission.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, ukuqinisekisile ukuthi laba baholi abakaphunyuli kumlomo wengwenya.
UNtombela uthe isizathu esenza ukuthi la baholi babuyiselwe emsebenzini ngalesiya sikhathi ingoba i-ANC yayisaqedela imigomo okufanele ilandelwe.
“Njengoba isikhona le migomo, nabo ke banezinsuku ezingu-30 ukuba bashenxe ezikhundleni.”