Izindaba

UMalema uvuselele ikhwelo lokuchithwa kukaGordhan

Simphiwe Ngubane|Published

I-EEF isabisa ngokuvula unyaka u-2024, ngemibhikisho, ifaka ingcindezi ukuba kukhonjwe indlela uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, emsola ngokuthi umhlulile umsebenzi wakhe. ISITHOMBE: Kopano Tlape GCIS

I-EEF isabisa ngokuvula unyaka u-2024, ngemibhikisho, ifaka ingcindezi ukuba kukhonjwe indlela uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, emsola ngokuthi umhlulile umsebenzi wakhe.

Lokhu kuvezwe uMengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, ngempelasonto, ekhuluma namalungu aleli qembu eWestern Cape.

UMalema uthe sesifikile isikhathi sokuthi akhonjwe indlela uGordhan onguNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHululumeni.

“UPravin uyena omosha leli lizwe futhi kumele kubekwe emahlombe akhe yedwa ukufadabala kwezinkampani zikahulumeni,” kusho uMalema.

Lo mholi ukufanise nehlazo okwenzeka kwaTransnet, enkampanini eyakha izikhali iDenel, neyezindiza i-SAA, abaziqhenya ngayo.

UMalema uthe esikhathini esedlule, uGordhan watshela izwe imbudane uma ethi izwe libuswa yidlanzana.

Uqhube wathi umuntu onamandla okususa uGordhan esikhundleni asiphethe yinjinga enguMnuz Johann Rupert, okuyiyo athe yamenza ungqongqoshe.

“UCyril (Mengameli Ramaphosa) akanawo amandla, uyisichuse nje. Umengameli wangempela useStellenbosch, owasabisa ngokuguqisa ngamadolo umnotho wezwe uma uZuma (uMnuz Jacob) engambuyiseli esikhundleni uGordhan,” kusho uMalema.

Uthe yinto embi ukuthi iPosi lizodiliza abasebenzi abangu-6 000. Uthe imbangela yalokho wukuthi umsebenzi walo aliwenzi uhambelane nesikhathi samanje esisebenzi ubuchwepheshe

Ukhale nangokugqoza kwezitimela ezihamba amabanga amade athe wabhalela ungqongqoshe wezokuThutha ngakho kodwa kwacweba iziziba.

Muva nje, uthe kuvele kwathalaliswa, bathi bayazama ukusibuyisela lesi sitimela, sajama endleleni kwaphoqa abagibeli ukuba baluqedele ngamabhasi uhambo lwabo.

Ube esechaza ngokumiswa kwamalungu abo ePhalamende, athe kwenziwe kwaqondanisa noFebhuwari ngonyaka ozayo, ukuze angaphazanyiswa uRamaphosa uma ethula inkulumo ayibhekise ezweni.

“Abasho (iPhalamende) ukuthi sizokumisa ngoDisemba kodwa bawujombile noJanuwari, baya kuFebhuwari. Bafuna uRamaphosa angaphazanyiswa kulokhu, abe nesikhathi esimnandi uma esethula inkulumo okungeyokugcina. Yisinqumo esihlangene nepolitiki esithathiwe futhi okungamele sikhathaze amalungu e-EFF,” kusho uMalema.

La malungu ayisithupha uMalema, iphini lakhe uFloyd Shivambu, uNobhala we-EFF uMnuz Marshall Dlamini, abangabakhulumeli be-EFF oMnuz Sinawo Tambo noVuyani Pambo noDkt Mbuyiseni Ndlozi. Laba balahlwa ngecala lokudala udungunyana ePhalamende nokudweba isithombe esimbi ngezwe.