KHETHA SANGWENI
UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema ubize i-ANC ngomkhukhu, wayibhuqa nangomcimbi ebiwenze ePolokwane, eLimpopo izolo igubha iminyaka engu-110 yasungulwa.
UMalema ubekhuluma emcimbini we-EFF, iSiyabonga Rally, ebisePeople’s Park, eseMoses Mabhida Stadium abehlose ngayo ukubonga izakhamuzi ngamavoti iqembu eliwathole KwaZulu-Natal. Ubekhuluma nabalandeli be-EFF abebephume ngobuningi belokhu bekikize njalo uma ekhuluma. UMalema uthe kuphelile nge-ANC, sekusele umndondo.
“Iphelile indaba ye-ANC, nomengameli wabo uyazama bandla kodwa kuyabheda. Ubezama ukwenza umcimbi ePolokwane, wabiza abantu abangu-2000 kuphela ngoba uyazi bebengeke beze abanye.
“Ngeke alibone ihlandla lesibili njengomengameli, kodwa uzoba wumholi womkhukhu wabo i-ANC,’’ kusho uMalema.
UMalema ukhuluma kanjena nje, bekuvele kuqondene umcimbi we-ANC nowe-EFF ngosuku olulodwa. UMalema uthe abantu benze kahle bangayivotela i-ANC ngokhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba wonyaka odlule.
Uthe kodwa iphutha abalenzile wukuthi abayicoboshisanga i-ANC, ifana nenyoka esanyakaza.
“Uma ushaya inyoka akufanele uyishiye inyakaza, kodwa kufanele uyishise uthathe umlotha wayo, lapho- ke uqedile ngayo. Inyoka eyi-ANC iqedeni ngo-2024, niyishaye ikhanda ukuze kuphele ngayo,’’ kusho uMalema.
Uthe ukukhula kwe-EFF kuyakhomba ukuthi kukhona lapho ibheke khona.
Ubonge abantu baKwaZulu-Natal ngokuyivotela ize ithole inqwaba yamakhansela amanye awo angamaphini ezimeya komasipala abahlukene. EThekwini, isibalo samakhansela ayo senyuke sisuka ku-8 aba ngu-21.
UMalema upikle nangokuthi ngesikhathi beqala iqembu, kwathiwa i-EFF yinto yezingane ezosheshe iphele, kodwa namanje basekhona. Uthe babodwa ababethi i-EFF yiqembu lamaPedi aseLimpopo kodwa namhlanje bajabhile ngoba liyakhula iqembu.
I-EFF ibiqale umcimbi ngokuginqa izinkomo ezine ngoLwesihlanu eNanda lapho kudliwe khona inyama.