UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema ufunge wagomela ukuthi izoqhubeka irali yaleli qembu ezoba seSenekal eFree State lapho abalimi abamhlophe bangena ngodli enkantolo bayicekela phansi baphinde bashisa neveni yamaphoyisa.
Kusuke izibhelu kule ndawo ngemva kokubulawa kwemenenja yepulazi uMnuz Brendin Horner, ngeledlule.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele nozakwabo wezokuPhepha kweZwe uNksz Ayanda Dlodlo bavakashele le ndawo izolo.
Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo yemantshi iRandburg lapho uMalema nelungu laleli qembu uDkt Mbuyiseni Ndlozi bebhekene necala lokushaya iphoyisa, uMalema uthe amaphoyisa ayabesaba abelungu.
“Asibasabi abelungu, sizobhekana nabo ngqo ebusweni. Sizoya eSenekal siyovikela izinto zoMbuso.”
Udaba lukaMalema noNdlozi luhlehliselwe u-Okthoba 28 no-29.
“Amaphoyisa angamagwala, ayajaha ukugada abantu abamnyama kodwa asaba abelungu. Navumela abelungu bashisa izimoto zenu, siyaya eSenekal akekho ozosivimba.”
Uthe abayile ukuyovikela abantu ababulala umlimi ngoba bafuna babolele ejele.