UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthe i-AfriForum iwine icala ebikade imbeke lona ngokungeyikho.
Uthe iphutha abalenzile njenge-EFF, ukuqasha abantu abangawazi umsebenzi wabo, abangakwazi ukulandelela amacala ngaphambi kokuthi aye enkantolo.
“Sesibabuyekezile abameli abazomela i-EFF,” kusho uMalema.
Uthe abameli babo baholelwa njalo ngenyanga kodwa wazwakalisa ukudumala ngokusebenza kwabo.
UMalema ukhuluma kanjena nje, bekungokwesithathu ukuthi iqembu lakhe lilahlwe amacala eliwabekwe yi-AfriForum kusukela Mashi 2017. Lokhu kusho ukuphumelela kwe-AfriForum, kusho ukuthi i-EFF kuzomele iyikhokhele izindleko zecala.
I-EFF kubikwa ukuthi isikhokhe uR126 000 emalini eyikweleta i-AfriForum ngokomyalelo wenkantolo.
NgoNovemba 1 i-AfriForum yathola imvume enkantolo ukushaqa impahla kaMalema.
Ngokuka Kallie Kriel we-AfriForum, ameli be-EFF abazange bafike ecaleni lakamuva okuholele ekutheni inkantolo ithathe isinqumo esivuna i-AfriForum.- ANA