Umholi we-EFF uJulius Malema osole umengameli Jacob Zuma ngokukhuluma amampunge

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema usechithe inkulumo kamengameli Jacob Zuma yokuthi wayengahambisani nesinqumo se-ANC sokuhoxiswa kwalowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Thabo Mbeki. 

UMalema uthe uZuma ukhuluma amanga uma ethi wayengahambisani nesinqumo se-ANC sokuhoxisa uMbeki esikhundleni sokuba ngumengameli wezwe ngo-2008. 

"Ukhuluma udoti, uCR (Cyril Ramaphosa) uyena owayengahambisani nalesi sinqumo. UZuma wangitshela ukuthi kumele sisuse uMbeki ngoba akakwazi ukusebenza naye," kusho uMalema ekhasini lakhe kutwitter ngoLwesithathu ngesikhathi uZuma ekhuluma neSABC odabeni lokuyalelwa yi-ANC ukuthi esule esikhundleni.

UMalema, owayengumholi we-ANCYL ngaleso sikhathi, uqhube wathi uZuma akagcinanga nje ngokweseka isinqumo sokuthi uMbeki ahoxiswe, kodwa waqguqguzela ubuholi be-ANC ukuthi buseseke. 

Ngesikhathi ekhuluma nentatheli yeSABC uZuma uthe wayengahambisani nokuxoshwa kukaMbeki kodwa wehlulwa yivoti leningi. 

UMbeki wahoxiswa ngoSepthemba wonyaka ka-2008 ngemuva kwalokho wasamukela isinqumo se-ANC wesula esikhundleni. 

UZuma namhlanje uthe akahambisani nesinqumo sokuhoxiswa kwakhe ngoba i-ANC ayikamnikezi izizathu ngalokhu. Uthe uzoshicilela isitatimende kulolu daba namhlanje.