Izindaba

UMalema ukhwele wadilika kwabaphikisa ukugcotshwa kweSilo

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ushiye angalazi kwabaphikisa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.

UMalema ufanise labo abaphikisa ukuqokwa kweSilo nemiduka nezimpisi, wafanisa ukungena esibayeni kosembangweni wesihlalo sobukhosi, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, njengomcimbi wezoso.

Uphinde wabiza omunye okuvela igama lakhe embangweni wesihlalo sobukhosi, uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini, ngeSilo saseFourways.

IFourways yindawo yomtakabani eseGoli, nokuyilapho obekubanjelwe kuyo isithangami sabezindaba kwavezwa khona igama likaMntwana uBuzabazi embangweni wesihlalo.

Konke lokhu uMalema ukusho ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli, izolo nalapho enxuse khona ukuthi kube nobumbano endlunkulu kaZulu.

Uthe umcimbi wangempelasonto wokungena kweSilo esibayeni ucacisele nengane encane ukuthi sisodwa iSilo kwaZulu.

“Ukungena kweSilo esibayeni kuhambe kahle. Inkulumo yeSilo ibe yinhle kakhulu. “

Bekukhona izihambeli eziqhamuka ezinhlakeni ezahlukene futhi eziqhamuka emazweni ahlukene. Umcimbi ukukhombise ngokusobala ukuthi kugcotshwa iSilo sangempela. UMalema uveze ukuthi kungekudala bazoya kokotha iSilo bewubuholi be-EFF.

“Bengifisa ukuya emcimbini wokugcotshwa kweSilo, kwaphoxa ukuthi benginomhlangano wesigungu esiphezulu kwi-EFF.

“Bengingakujabulela ukuyokuba yingxenye yokuqopha umlando. ISilo uMisuzulu kufanele singazingabazi. Kufanele sazi ukuthi sikhona futhi sizosivikela kule miduka esiphikisayo.”

UMalema unxuse ukuba abantu bangamnaki uMntwana uSimakade, osanda kwenza umcimbi wokungena esibayeni.

“Asinaso isikhathi sabantu abahamba benza imicimbi yezoso emincane, bayibize ngokungena esibayeni.”

Uphinde wahlasela uMntwana uBuzabazi, naye ovela embangweni wesihlalo. Uthe njengoba isithangami sabezindaba sokumemezela igama likaMntwana uBuzabazi besibanjelwe eFourways, kukhombisa ukuthi akanakho ukwesekwa kwaZulu.

“Uzogcina ngakho ukuba yiSilo saseFourways.”

Okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uMandlakapheli Zulu, uthe kuyabakhathaza ukuthi kube nosopolitiki abagxambukela ezindabeni zasendlunkulu.

UMntwana uMandlakapheli uthe uMalema uyingxenye yabantu abangabufuni ubukhosi bukaZulu.

“Uke waletha izinkomo ezoxolisa ngokuhlasela iSilo (uZwelithini kaBhekuzulu). Hhayi ngoba ayezoxolisa lokhu kwangempela kodwa wayenzela ukuthola amavoti abantu ababedinwe yinkulumo yakhe. Namanje usazincengela amavoti.”

Okhulumela abeseka uMntwana uBuzabazi, uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, uthe bona akekho umuntu abaphikisana naye, wathi baphikisana nokungalandelwa kwemigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.