UMHOLI we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema usegqugquzele abantu ukuthi bakhombise inhlonipho nakubanu besifazane abadayisa ngocansi. UMalema usho kanje njengoba kuyinyanga yabesifazane ngesikhathi ethula inkulo yakhe kugujwa usuku lwabo ngempelasonto.
UMalema uthe ziningi izindlela abantu besifazane bakuleli ababukelwa ngayo phansi okubalwa nabadayisa ngomzimba. Uveze ukuthi abantu abadayisa ucansi nabo banamalungelo njengabo bonke abantu abenza imisebenzi eyahlukene.
UMalema uthe kumele ahlonishwe amalungelo abantu abadayisa ngocansi bayeke nokuhlambalazwa njengoba kwenzeka uma betholwa bedayisa.
UMalema uthe kuyihlazo nokuthi kuboshwa abesifazane abadayisayo kuphela bebe bekwenza nabesilisa. "Kungani beboshwa abantu besilisa abathengayo bengaboshwa? Kuboshwa omahosha ngoba bengabantu besifazane ngoba kulula ukuhlambalaza kalula kanjalo abantu besifazane.," kusho uMalema.
Eqhuba uthe lolu daba lubalulekile futhi kumele lulungiswe ngokushesha. UMalema uthe akekho umuntu osuke ephoqiwe ukuthenga, yingakho kumele abantu besifazane kumele bayekwe basebenzise amalungelo abo.
Ephetha uthe kufanele ngabo omahosha kuyimanje bayabhekelelwa ngamagilosa okuthi bakwazi ukudla njengoba kuvalwe imigwaqo emingini, kuze kube umnotho ubuyela esimeni esingcono bakwazi nokuqhubeka nebhizinisi labo.
Mayelana nokukhishwa inzalo kwabesifazane ngaphandle kwemvume yabo uthe kumele nakho kubhekisiswe ngoba bonke abantu besifazane banelingelo lokuzikhethela mayelana nokuthola abantwana.