UMHOLI weqembu le-EFF, uMnuz Julius Malema, usephumele obala wachitha isicelo sikamengameli omusha wezwe ne-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuthi abuyele kuKhongolose.
UMalema uthe akaziboni ebuyela ku-ANC, ukusho lokhu ngemuva kokuthi uRamaphosa emcele ukuthi abuye kule nhlangano (ANC).
URamaphosa ubekhuluma edolobheni laseTshwane ngeSonto emkhankasweni wokuqgugquzela abantu ukuthi bavotele iqembu elibusayo.
"Sihlezi sikwazi ukwamukela abantu abasishiyayo beyosungula amaqembu abo. Sabamukela abanye abasishiya ngesikhathi kusungulwa iCOPE. Kanti sasenze okufanayo ngabanye abasishiya baya kwi-UDM, babuyile banathi manje. Nabo abe-EFF siyafisa ukubamukela uma sebebuya. Singathanda ukuthi uMalema abuye kwi-ANC. Siyazi ukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakhe useyi-ANC. Ngakho singathanda ukwamukela labo abakwi-EFF ngoba i-ANC isayikhaya kubo," kusho uRamaphosa.
Ngaphandle kukamengameli Ramaphosa, nephini lakhe uMnuz David Mabuza likhala esifanayo, uMabuza uthe i-ANC yenza elikhulu iphutha ngokuxosha uMalema, ube esethembisa ukuthi uzokwenza konke ukunxenxa ukumnxenxa ukuthi abuyele kwi-ANC, nomama weSizwe uNkk Winnie Madikizela Mandela uthi into eyokhulula umoya wakhe ukubuyela kwendodana yakhe (Julius Malema) kwi-ANC.
Ephendula ngoMsombuluko uMalema ubhale ekhasini lakhe ku-twitter wathi akaziboni ebuyela kule nhlangano.
"Angeke ngikwenze lokho, leyonto ifile. Okubi kakhulu manje ukuthi banomengameli ababili, oyedwa umengameli we-ANC eNatal obizwa ngoZupta, omunye Ramapostponer ophethe abanye. Manje mina kumele ngibuyele kulokho kuxokozela? Angisoze," kuloba uMalema.
I won’t do it, that thing is dead. Worse they now have two presidents, one for ANC of Natal called Zupta and for the rest and now I must go and join the confusion, never.
— Julius Sello Malema (@Julius_S_Malema) March 12, 2018
Liphawula ngalolu daba ekhasini lalo kuFacebook, iPhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, uthe kuyacaca ukuthi i-ANC ayinaye umholi osezingeni likaMalema.
"Esingabayalela khona nje (abe-ANC) ukuthi abazojoyina i-EFF uma befuna ubuholi obuqondile," usho kanje.