UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema uthe ufuna kube khona ukusebenzisana phakathi kweqembu labo kanjalo nabamabandla.
UMalema ukusho lokhu ngeSonto,l ngesikhathi yena nobuholi beqembu ezingeni lesifundazwe kanjalo nakuzwelonke, behambele ibandla laseChibini, iFather Madwe St Johns Apostolic Church, ePlazini, eNdwendwe.
UMalema ofike wakhonza kuleli bandla uthe elakuleli liyawudinga umkhuleko wamabandla, kulezi zinkinga elibhekene nazo.
“Sinesibalo esiphezulu sabangasebenzi, ububha budla lubi, kanjalo nezidakamizwa entsheni. Isonto liyindawo enika ithemba. Kufanele sisebenzisane, ukulwa nalezi zinkinga,” kusho uMalema.
Uqhube wathi abahambisani nezikhangiso zotshwala nogwayi ngoba zidweba isithombe sokuthi buyinto efanele, ekubeni buwumbulalazwe.
Uthe baphezu kwemizamo yokuzwakalisa uvo lwabo lokuthi kufanele kuphele nya ngezikhangiso zotshwala kumathelevishini.
Ubuye wezwakalisa nokuthi ePhalamende bahlongoza eyokuthi umfaniswano wabafundi abasemazingeni aphansi kanjalo naphezulu, unikezelwe kubafundi mahhala.
“Uma besibuza ukuthi izovelaphi imali yokuwuthenga, sithi izovela la abathatha khona eyokuthenga owamaphoyisa nowamasosha,” kusho uMalema, othe kuyamangaza ukuthi amaphoyisa namasosha bahlinzekwa mahhala uhulumeni ngomfaniswa, ngesikhathi abahlwempu belindelwe ukuthi bazithengele ngokwabo izingane umfaniswano.
UMalema umemezele ukuthi owakhe umnikelo azowunikela kule nkonzo uR50 000, wathembisa nokufaka isandla esakhiweni sebandla esingaqedwaukwakhiwa.
Ube esenxusa intsha ukuthi igcwale amabhasi kusasa, iyothamela inkulumo ye-EFF yeholidi lentsha, iJune 16 kusasa enkundleni yezemidlalo, iKing Zwelithini, eMlaza.
Umfundisi webandla, uMnuz Mdima uthe beyibandla bayayibona indlela uMalema akhathalela ngayo abantu abahlwempu.
“Siye siyibone ingcindezi oyifakayo ePhalamende. Amagalelo akho kubantu abahlwempu siyawabona. Awadliwa amandla omuntu,” kusho uMdima.
Ubonge wanconcoza ngomnikelo kaR50000, nesethembiso sokwelekelelwa ngesakhiwo sebandla esakhiwayo, wathi wazomeseka ngomkhuleko ukuthi ngelinye ilanga abe umengameli wezwe.