UNDUNANKULU waseGauteng uMnuz David Makhura uthe uhulumeni waseGauteng uzobeka eqhulwini imfundo yabantu besifazane ngoba bayakwazi ukuqeda imibhikisho yezidingo ezweni.
UMakhura utshele abesifazane akade behlangene e-Union Buildings ukugubha usuku lwabesifazane izolo ukuthi ufuna bathole wonke amathuba azobasiza ukuthuthukisa isizwe.
"Sifuna ukunikeza abantu besifazane amathuba kwezemfundo ukuze bathole imisebenzi noma badale imisebenzi. Abanye banikiwe amathuba okuziqeqesha eminyangweni ehlukene kahulumeni futhi sizofaka imali eningi kwezemfundo," kusho uMakhura.
Uthe ufuna bafunde ezikhungweni zemfundo ephakeme ezisezingeni eliphezulu.
"Siyazi ukuthi bazokwenza umsebenzi omuhle ekuxazululeni imibhikisho yezidingo. Abantu besifazane basebenza ngokuzikhandla yingakho sifuna ukubanika amathuba," kusho uMakhura.
Uthe abantu besifazane abasebenza kuhulumeni waseGauteng bazinikele emsebenzini wabo, abalali bengasizanga umphakathi.
UMakhura uphinde wathi uhulumeni wakhe ngeke wakhele abantu abasha izindlu zomxhaso ngoba kufanele bafunde basebenze ukuze bazakhele imizi yabo.
UMakhura akayena umuntu wokuqala ukumemezela ukuthi intsha ngeke ithole izindlu zomxhaso kwazise noNksz Lindiwe Sisulu ngesikhathi enguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwabantu wathi ngeke anike abantu abangaphansi kweminyaka engu-40 izindlu zomxhaso.
UMakhura uthe uhulumeni usekhiphe abesifazane abangu-28 000 kwizibonelelo zikahulumeni njengoba sebeqashiwe kanti abanye bavule amabhizinisi abo.
"Siqeqeshe abantu abasha abangu 28 000 akade bethola izibonelelo zikahulumeni. Njengamanje basebenza kuhulumeni, abanye basungule amabhizinisi. Bayakwazi ukuzimela abasadingi izibonelelo," kusho uMakhura.