ULAXAZE ukufaka isicelo sebheyili, ngenxa yolaka lwamalungu omphakathi, umakhenikha okuthiwa ungowokufika oboshelwe ukubulala ngesihluku umfelokazi nendodana yakhe okuvela ukuthi ubegoloza ukubabuyisela imali okwakuthengwe ngayo imoto eminyakeni edlule egcine ingafinyelelanga kubona, eDundee kuMasipala waseNdumeni, ngesonto eledlule.
Umsolwa okuvele ukuthi ungowokudabuka ezweni elingaphandle, Isolezwe elithole ukuthi ubizwa ngo-Ali, kuthiwa uboshwe ngesonto eledlule emva kokubulawa ngesihluku kukaNkk Ntombifuthi Buthelezi nendodana yakhe uMnuz Mncedisi Buthelezi (20), izidumbu zabo ezatholwa zinamanxeba okudutshulwa, zigxivizwe emakhanda ngezinsimbi ezingamathuluzi okukhishwa ngawo izinjini zezimoto, zidindilize endaweni yokulungisa izimoto umsolwa asebenzela kuyo esedolobheni, eDundee.
Indodakazi kaNkk Buthelezi kuthiwa yona isasesibhedlela emva kokuthi yakwazi ukuphunyuka ibaleke nenxeba lokudutshulwa, ngesikhathi umsolwa ehlasela unina nomfowabo.
Umsolwa obevele eNkantolo yeMantshi yaseDundee okuthiwa beyigcwele phama amalungu omphakathi abebhikisha nangaphandle, uncamele ukungasifaki isicelo isebheyili, okuholele ekutheni imantshi inqume ukulihlehlisela uJulayi 15 kulo nyaka icala.
Umakhelwane osondelene nomndeni wakwaButhelezi ongathandanga ukudalulwa, elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe uNkk Buthelezi ubezihlalela nje nomndeni wakhe abewa evuka nawo njengoba ubesebenza umsebenzi ongatheni.
“Ngikholwa ukuthi ngesikhathi kudlula emhlabeni ubaba wekhaya owayesebenza kwamasipala oshone eminyakeni edlule, enye imali umndeni wanquma ukuthenga ngayo imoto ku-Ali (umsolwa), kodwa wagcina engayidluliselanga kuwona ebika imbiba nebuzi ekubeni imali wayeseyithathile. Ngenxa yokuhamba kwesikhathi, ngesonto eledlule umndeni umfonelile usufuna ukuthi abuyise imali okungcono, nokuyilapho ebabizele lapho ehlala khona e-Forestdale, uma befika wabanxusa ukuthi bahambe naye baye lapho esebenzela khona endaweni yakhe esedolobheni,” usho kanje.
Uthe ngokulandisa kwelungu lomndeni elisinde kubulawa abakwabo, umsolwa uxabane noNkk Buthelezi kubangwa ukuthi ubesegoloza ukukhokha imali, wadonsa isibhamu wamdubula.
Uthe ngesikhathi indodana kamufi ibona kudutshulwa unina, izame ukusondela, umsolwa wadubula ebhekise ngakuyo ngaphambi kokuthi adubule nendodakazi kamufi ekwazile ukubaleka nenxeba ibhace ndawana thile emva kokuthi isibhamu somsolwa siphelelwe izinhlamvu. Kuthiwa umsolwa ugxivize ikhanda likaNkk Buthelezi ngokusansimbi, ephindelela emva kokuthi eqedele ngesando esendodana yakhe kubuka ilungu lomndeni ebelibhacile.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Andile Nsibande, uthe lesi sigameko sishiye amalungu omphakathi eshaqekile.
“Yisihluku esikhulu esingagcina sisusa uthuthuva emphakathini. Lokhu kungadweba isithombe esibi ngabantu bokufika okungadala udweshu kodwa ngoba uboshiwe siyethemba ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka,” usho kanje.
Uqinisekise ukuthi abagilwa bangcwatshwe ngempelasonto. Imizamo yokuthola okhulumela umndeni ayiphumelelanga njengoba izinombolo zocingo zingatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.