OWAYENGUMHOLI we-DA uMnuz Mmusi Maimane usehlabele ikhwelo kumengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi ashintshe amaqhinga akhe ePhalamende kulandela ukubhimba kwamaqhinga amalungu e-ANC ngoLwesibili.
UMaimane ubhalele uRamaphosa kuTwitter wamazisa ukuthi bangene namaqhinga okudlala ipolitiki embi ePhalamende ngoLwesibili okumdonsele amanzi ngomsele.
Kuphazamiseke ukuqhubeka kokuphendulwa kwenkulumo kamengameli ePhalamende ngesikhathi ilungu le-ANC ePhalamende, uMnuz Boy Mamabolo, efuna izimpendulo ngezinsolo zokuthi umholi we-EFF uMnuz Julium Malema, uhlukumeza inkosikazi yakhe. UMalema uthathe isikhathi ukuphendula lo mbuzo ngemuva kokuphazanyiswa amalungu e-ANC ephalamende abelokhu ewubuyise njalo umbuzo. Kuthe esephendula, uMalema uthe akakaze ambeke isandla umkakhe futhi akasoze.
Akagcinanga lapho nokho njengoba edalule izinsolo zokuthi uRamaphosa wayehlukumeza owayeyinkosikazi yakhe uNomazizi.
“Awuthi ngikuphendule. Odabeni lokuhlukunyezwa kwabesifazane, mina ngasho kwenye inkulumo ngathi ongakaze ahlukumeze unkosikazi eminyakeni engu-25 edlule akaphakamise isandla.
Mina angikaze ngishaye umuntu wesifazane. Ngabuza lowo mbuzo ngoba ngathola ukuthi umengameli wayemshaya unkosikazi wakhe uNomazizi, sengathi angaphumula ngokuthula,” kusho uMalema.
Ephawula ngezixakaxaka zasePhalamende izolo, uMaimane uthe kuyaphoxa okwenzekile futhi kukhombisa ubungane kubaholi bakuleli. NgoLwesithathu ekuseni ubhalele uRamaphosa emcebisa ukuthi akamkhiphe uMamabolo kumalungu asebhentshini lakhe ePhalamende.
“Eita Cyril Ramaphosa, abasemabhentshini akho ePhalamende bakhethe amaqhinga abhedayo izolo. Kumele ubeke uMamabolo ngaphandle. Uyakulahlekisa futhi uphazamisa ukunakwa kwezinto ezibalulekile. Lolu hlobo lwepolitiki akuyona into yakho,” kusho uMaimane.
%%%twitter https://twitter.com/CyrilRamaphosa?ref_src=twsrc%5Etfw">@CyrilRamaphosayour parliamentary benches chose a Mabena strategy izolo.
You need to put Boy Mamabolo on the bench. He is costing you and taking attention away from the substantive issues.
Gutter politics is not your brand. #SONADEBATE2020
— Mmusi Maimane (@MmusiMaimane)
I am disappointed with what I am seeing today in parliament.
— Mmusi Maimane (@MmusiMaimane) February 18, 2020
This is not what the nation expects from its leaders.
The behavior today was totally unacceptable. Instead of debate we are witnessing childish behavior, insults and profanity. pic.twitter.com/BLcqnfKsHd