OWAYENGUNDUNANKULU eNorth West uMnuz Supra Mahumapelo, ongahambisani nomthetho wokuba kumiswe ababhekene namacala kwi-ANC, umisiwe iminyaka emihlanu eqenjini le-ANC.
Ngo-Ephreli 16 ikomiti le-ANC eliqondisa ubugwegwe esifundazweni lithathe isinqumo sokumisa ubulungu bukaMahumapelo, kusalandelwa uhlelo lokuqondiswa kwakhe ubugwegwe.
Incwadi evela kwikomiti ebhalwe ngumqondisi walo uHlomani Chauke, ibimazisa ukuthi uyamiswa. Leli lungu elineminyaka engu-52, lisolwa ngokuthi lakhuluma lapho kwakuhlangene khona abantu, nalapho layala khona imeya ukuba ibazibe abathi ayisule emsebenzini wayo.
Ikomiti eliqondisa ubugwegwe eNorth West, iProvincial Disciplinary Committee (PDC), ithe unalo ilungelo lokuba asiphonsele inselelo isinqumo. Ibamba likaNobhala kwi- ANC Women's League eNorth Wes,t uNkk Bitsa Lenkopane, ubhululu kaMahumapelo, naye utholwe enamacala okungaziphathi ngendlela, wagwetshwa ngokuba amiswe iminyaka emihlanu kwi-ANC.
Bobabili kuthiwa benza umbuthano obukela phansi ubuholi be-ANC esifundazweni. Eduze nalapho i-ANC yayenze iSiyanqoba rally, ngoDisemba ngonyaka odlule. Lo mcimbi wawuhlelwe ubuholi be-ANC eNorth West.
“Sibuke izizathu nezimo ezibekiwe zaba wubufakazi ngabameli i-ANC eNorth West. Ikomiti libe seliphuma nalesi sinqumo sokuthi womabili amalungu amiswe kwi-ANC isikhathi esiyiminyaka emihlanu, kusukela manje. Bobabili akumele bezibeke ohlwini lomphakathi ukuba bamele i-ANC,” kusho usihlalo wePDC, unksz Wendy Matsemela.
Bobabili banelungelo lokuphonsela isinqumo inselelo, kusho incwadi yePDC. Bangakwenza lokho ezinsukwini ezingu-21 kukhishwe isinqumo. Ngesikhathi ephawula uMahumapelo, ngokumiswa kwakhe okwesikhashana wathi uzokuphonsela inselelo ngoba bazama ukubasabisa. Wathi akaqondi ukuthi bamiswa kanjani ngokuya emhlanganweni.
Akaphawulanga ngokumiswa kwakhe iminyaka emihlanu, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.