UKUDONSWA ngendlebe nguSteve Lekoelea kukaKabelo Mahlasela kufuze ukuthi kuzomenza aqaphele izinto ezingamyengela ophathe njengoba esejoyine iKaizer Chiefs Isithombe: BACKPAGEPIX

KUNKENTEZA amazwi ensephe ezindlebeni zesibabuli esisha seKaizer Chiefs, uKabelo “Skipper” Mahlasela, esisayine kuleli qembu emuva kwesikhathi simataniswa nayo.

UMahlasela, obeyisethenjwa seBloemfontein Celtic, ujoyine iChiefs ngesonto eledlule eshintshana nomdlali wasemuva uLorenzo Gordinho obolekiswe kwiPhunya Sele Sele unyaka.

Usayine kwiChiefs nomdlali wasesiswini uSiphelele “Stashi” Ntshangase nobengumgadli weMamelodi Sundowns, uLeonardo Castro.

UMahlasela, onqabe ukuvuselela inkontileka neCeltic, uthe udonswe ngendlebe ngokuziphatha ngumngani wakhe uSteve “Chippa” Lekoelea owazakhela udumo kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.

UMahlasela noLekoelea bakhule eSebokeng, eVaal, eGauteng.

ULekoelea ungomunye wabadlali abasheshe baphela ebholeni laseNingizimu Afrika ngenxa yokuphazanyiswa yimpilo yangaphandle kwenkundla.

“Ngingumfana waseVaal, ngikhule ngibukela kuSteve Lekoelea osengumngani wami. Uyangiyala sonke isikhathi ukuthi ngizithobe, ngingazikhukhumezi kodwa ngihlale ngigxilise umqondo wami emsebenzini, ngisebenze kanzima noma ngabe izimo zinjani ebholeni kufanele ngihlale ngiqaphile.

Ungitshela ukuthi ngisebenze kanzima ngilibambe ngazo zombili ithuba uma livela.

Nakuba abalandeli beChiefs bekade bejabule ngokusayina kukaMahlasela kodwa kuzomele balinde cishe izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi bambone enkundleni. Umqeqeshi weChifs, uSteve “Mphathi” Komphela, uzwakalise ukuphoxeka ngokulimala kwalo mdlali oshiye kwiCeltic kungasekuhle.

Uthe ukuba akalimele ubezomphosa ensimini ngokushesha nabanye abadlali abasanda kufika.

UKomphela unengcindezi kwazise akakaze awine neyokubika indebe kumasizini amabili agcwele kwiChiefs okungabuzwa ukuthi kuzoba seqhulwini njengoba izingxoxo zenkontileka yakhe entsha seziseduze.

UMahlasela uzobanga indawo noPule Ekstein, George Maluleka nabanye esiswini seChiefs.

“Kunzima ukusuka kwelinye iqembu uya kwelinye, ufike ulimale ngosuku lokuqala. Ngiphatheke kabi futhi ngiphoxekile. Kodwa ngijabule ngokusayina kwiChiefs ngoba kade sekuyisikhathi eside.

Bekuvele kuyiphupho lami ukudlalela iChiefs. Njengoba sekugcine kwenzekile, ngijabule ukuba yingxenye yomndeni waMakhosi,” kusho uMahlasela.

“Angikholelwa ekutheni usulungile uma usaba izinselelo, kusho ukuthi uyasaba ukubhekana nempilo. Impilo ngiyithatha njengoba injalo.

Ngithatha le nselelo, bengazi ukuthi ngeke kube lula kodwa kuzongisiza ekutheni ngikhule njengomdlali nanjengomuntu.

Ingcindezi izongisiza ngoba izokwenza ngisebenze kanzima, ngingazitheli ngabandayo.”