Izindaba

UMagashule uyavuma ukuthi wake wabakhona umdonsiswano phakathi kwakhe noRamaphosa

Themba Ntshingila|Published

UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthe phezu kokuthi kwake kwaba khona umdonsiswano phakathi kwakhe noMengameli Cyril Ramaphosa emva kwenkomfa yaseNasrec ngo-2017, kodwa manje sebesebenzisana kahle. Isithombe: BONGANI MBATHA/African News Agency (ANA) UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthe phezu kokuthi kwake kwaba khona umdonsiswano phakathi kwakhe noMengameli Cyril Ramaphosa emva kwenkomfa yaseNasrec ngo-2017, kodwa manje sebesebenzisana kahle. Isithombe: BONGANI MBATHA/African News Agency (ANA)

UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, uthe nakuba kwake kwaba khona umdonsiwano phakathi kwakhe noMengameli Cyril Ramaphosa emuva kwenkomfa ngo-Disemba 2017, kodwa manje sebesebenzisana kahle kakhulu.

UMagashule usho lokhu ngenkathi ekhuluma kwiNewzRoomAfrika ngeSonto ekuseni.

Ubekhuluma ngomumo wale nhlangano selokhu kwaqala iCovid-19.

“Ukube uRamaphosa akazange avale izwe kusenesikhathi, ngabe sibhekene nenhlekelele yeCovid-19,” kusho uMagashule.

Uthe ukubheduka kwaleli gciwane, kwenze le nhlangano yangabe isakwazi ukuxhumana nabantu, kwazise iyinhlangano ekholelwa ekuzifikeleni mathupha kubona abantu.

NgokukaMagashule, lokhu sekuholele ekutheni le nhlangano ihlehlise nezinkomfa ebezihlelwe ukuthi zizokuba kulo nyaka.

“Silawulwa ososayensi (abacubungula ngeCovid-19), ngeke simemezele ukuthi sizokuba nenkomfa ngesonto elizayo, kuyajika futhi sesithi isiphinde yahlehliswa,” kuchaza uMagashule.

Okwamanje uthe izinkomfa kuleli qembu zihlehliselwe isikhathi esingaziwa.  

Nakuba kunjalo, uthe selokhu kwala iCovid-19, bakwazile ukugxila kokunye, njengokugxila ekukhuliseni umnotho wezwe.

Phezu kokuthi icoronavirus ifike kwavalwa amehlo, uthe kukhona ebafundise kona kwezobuchwepheshe.

Uthe iningi labo belingakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje bezokuxhumana iZoom, kodwa manje sebeyakwazi.

Mayelana nokubuyiselwa kwi-ANC kwabekade besolwa ngokudla imali yase VBS Mutual Bank eLimpopo, uMagashule uthe yisiGungu esiPhezulu sale nhlangano samalungu angu-100 esithathe leso sinqumo, okungamele sibukelwe phansi.