UMagashule unqunyelwe okatiki yikomiti lezobugwegwe le-ANC isithombe: Simphiwe Mbokazi/African News Agency/ANA
UNQUNYELWE okatiki owayenguNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, ukuthi achazele ikomiti eliqondisa ubugwegwe kule nhlangano ukuthi kungani kungamele axoshwe kuKhongolose njengoba elahlwe ngamacala afaka phakathi kwamanye ukungaziphathi ngendlela nokuzithathela izinqumo.
UMagashule utholwe enecala yileli komiti lale nhlangano, lamnika izinsuku eziyisikhombisa ukuthi alibhalele achaze ukuthi kungani kumele angaxoshwa unomphela kule nhlangano, emva kwemizamo yakhe yokumisa uMengameli Cyril Ramaphosa ngo-2021.
Lokhu kuvezwe nguNobhala jikelele uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma nabezindaba izolo ngemuva komhlangano wekomiyi elibhekele ukusebenza kwansuku zonke le-ANC ngoMsombuluko.
UMagashule wamiswa ngo-2021 emva kwezinsolo zenkohlakalo njengoba esahamba icala elenzeka esengundunankulu waseFree State. Waphoqeleka ukuthi ahoxe njengoba imigomo ye-ANC ibalula ukuthi ilungu elibhekene namacala enkohlakalo kumele lime emsebenzini lize litholwe limsulwa.
“Ikomiti eliqondisa ubugwegwe lilahle uMagashule ngecala lokuphula umthethosisekelo wenhlangano ngokuzama ukumisa uRamaphosa engazange avumelane nesigungu esiphezulu. Ukuhluleka ukuxolisa njengoba anikwa ithuba lokwenza lokhu, kuthathwa njengokuphula imigomo yenhlangano.”
UMagashule wayefuna ukumisa uRamaphosa ngezithinta imali axhaswa ngayo emkhankasweni wakhe wokuba ngumengameli we-ANC engqungqutheleni yaseNasrec, ngo-2017.
UMbalula uchithe nokuthi bakweleta inkampani i-Ezulwini Investments u-R102 million, ngokufaka izingqwembe zokhetho lwango-2019.
Ubalule ukuthi bahlela ukuvula icala ngale nkampani ngoba wonke umuntu wabona ukuthi azikho izingqwembe zokhetho ezafakwa.
“Asikasiboni isinqumo senkantolo esithi kumele kudliwe impahla yenhlangano ukuze kukhokhelwe i-Ezulwini le mali. Sihlela nokuphikisa lesi sinqumo enkantolo yokudluliswa kwamacala ngoba sasingeke sikwazi ukukhokhela inkampani eyodwa uR100 million, wokhetho ngezinto esingazange sizibone.”
Ugxeke amakhansela angawenzi umsebenzi womphakathi.
‘Uma uyikhansela umsebenzi wakho ukuxhumana nabantu. Kumele uhlale usemehlweni abantu, uma umphakathi ungakwazi ukukuthola kusho ukuthi umsebenzi wakho awuwenzi.“
Mayelana nendaba yokunyuka kwemali ebolekwa amabhange, uthe bazoyixoxa ngoba inyusa intengo yezinto eziningi ezweni.
UMbalula uveze nokuthi bazosebenzisana namaqembu ahlukene ukuqinisekisa ukuthi kuba nemigomo ethinta ukulawulwa komasipala abaphethwe ngokuhlanganyela ngamaqembu ahlukene.
“Sifuna kube nozinzo komasipala okubanjiswene kubona. Sizosebenzisana namaqembu ahlukene ukuthi kube nomthetho ozolawula omasipala okubanjiswene kubona njengoba lungekho uzinzo.”
Unxuse umphakathi ukuthi uwashe izandla ikakhulu uma kade uzikhulula, ubilise namanzi njengoba kubheduke isifo sohudo eHammanskraal.
Related Topics: