IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, liyikhaba liyayikhahlela eyokuthi izwe selikwinzikamnotho.
UMabuza, obekhuluma ePhalamende izolo, uthe akavumaleni nalabo abakholelwa kuloko.
Ukusho lokhu emuva kokuthi umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, ethe kumele i-ANC igudluzwe ekubuseni ngoba imigomo yayo kayisahambisani nokufunwa wumnotho.
Uthe selokhu kungene uMengameli Cyril Ramaphosa irandi lehlelwe amandla.
UMabuza uthe kona kukhona ukwehla okukhona kodwa isimo kasisibi ngaleyo ndlela.
“Umnotho uyagoloza ukusimama kodwa kasikafiki kwinzikamnotho. Angivumelani nalabo abathi isimo sesiyabheda ngoba asikaboni isithombe esigcwele. Sisabuka izibalo zekota,” kusho uMabuza.
Uthe unethemba lokuthi uhulumeni uzosiphendula isimo wathi uRamaphosa uzokwenza isimemezelo sokuthi uhulumeni uzongenelela kanjani.
UMabuza ubuye wachitha eyokuthi isiphakamiso sokuthi kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nokunganyelwa wumbuso kweBhange loMbuso yikona okuntengise umnotho.
“Ngiyakuchitha ukuthi indaba yokubuyiswa komhlaba yikona okubalekisa abatshali bezimali. Angivumelani nalokhu ngoba ukubuyiswa komhlaba kuzokwenziwa ngendlela efanele.”
Uthe bamile ekutheni ngeke baphazamise ezolimo nokukhiqizwa kokudla uma sekuthathwa umhlaba.
URamaphosa waliqinisekisa izwe ngokuthi ukudliwa komhlaba ngeke kuphazamise ukukhiqizwa kokudla.
Lokhu kuzokwenzeka ngendlela engenakho ukuphazamisa ezolimo kodwa kuzokwenzeka kumnyama kubomvu.
Khona izolo kudingidwe nendaba yokunyuka kukaphethroli. I-IFP ne-DA iphakamisa ukuthi kubhungwe eyokunyuka kukaphethroli njengoba kulindeleke ukuthi uphinde unyuke nangenyanga ezayo.
Phambilini uSomlomo, uNksz Baleka Mbete, wakuchitha ukuthi kube nale nkulumo kodwa wagcina egobe uphondo.