IPHINI likaMengameli uMnuz David Mabuza usemangaze abaningi ehlehlisa ukufungiswa kwakhe njengelungu lePhalamende ngoLwesithathu.
UMengameli Cyril Ramaphosa ukuqinisekisile ukuthi uMabuza ngeke afungiswe kanye namanye amalungu ePhalamende njengoba bekulindelekile.
Lokhu kuqinise izinsolo zokuthi kungase kuqokwe omunye kwesephini likamengameli wezwe.
Igama elilokhu livela elikaNkk Lindiwe Sisulu onguNgqongqoshe wezokuXhumana namaZwe oMhlaba, obuye abe sesigungwini esiphezulu kwi-ANC.
URamaphosa uthe uMabuza uzicelele yena ukungafungiswa ohlakeni lwabaholi abayisithupha be-ANC ngoba kunombiko wekomiti elibhekele ukuziphatha. Kuthiwa lo mbiko awumbeki kahle uMabuza.
"Kuphume umbiko ovez aukuthi sengathi ufake igama lenhlangano ehlazweni. Ucele ukuthi anikwe ithuba elanele lokuxoxa nekomiti elibhekele ukuzophatha," kusho uRamaphosa.