UMA kukhulunywa ngegama likaMbulelo “Old John” Mabizela kufanele ukuthi emqondweni kufika imicabango emihle ngakwenze enkundleni kanjalo nemibi ngobekubikwa ukuthi ubekwenza ngaphandle kwenkundla.
Kodwa kulindeleke ukuthi konke kuhlale obala uma uMabizela esebhala incwadi neqophamlando lapho ezovula isifuba ngempilo yakhe ebholeni nangaphandle kwenkundla.
Uphezu kwezinhlelo zokubuyisela emphakathini ngokuthi avule amathuba okubhala incwadi engempilo yakhe kwenziwe neqophalamlando.
UMabizela, ogcine ukubonakala egijima kwiRoyal Eagles kwiNational First Division ngo-2015, uthe kule ncwadi uzobe evula isifuba ngempilo yakhe yasebholeni nezigameko ezenzeke ngaphandle kwenkundla.
Kulo msebenzi ohlanganisa nomdlalo lapho ezobe esevalelisa khona ngokusemthethweni njengomdlali, usebenzisana no-Ayanda Thapelo Tshabalala.
“Besingaqasha noma ubani osephumelele ukuthi abhale incwadi nozokwenza iqophamlando kodwa sibone kungcono ukuthi leli thuba silivulele emphakathini njengendlela yokubuyisela kuwona. Sifuna ababhali nabenzi bamafilimu abasafuna ukuzakhela igama,” kusho uTshabalala.
Uthe ngaphandle kwalokhu bazophinde bagxile ezinhlelweni zokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Kubalulekile ukuthi abantu abadumile nabo bangene kulo mkhankaso sisho ukuthi sekwanele ngokuhlunyezwa kwabesimame. Isikhathi esiningi uthola ukuthi owesilisa ilapho eba nabesifazane abaningi azwana nabo agcine ebahlukumeza esebenzisa udumo lwakhe. Uthole ukuthi izimenenja ziyamvikela ngoba zimdinga enkundleni noma ekulingiseni okanye eyonandisa emicimbini. Kwakhona lokho akulungile,” kusho uTshabalala.
Uthe isifiso sabo wukuthi imidlalo ibe ngo-Agasti bese kulandela ukushuthwa kwefilimu nokubhalwa kwencwadi.
UMabizela wazakhela igama edlala kwiMaritzburg City kwiSafa Vodacom League, nokugcine ngokuthi asayiniswe yi-Orlando Pirates ngo-2001 nafika khona waba umdlali omncane ukuba ngukaputeni wayo neBafana Bafana.
Lesi sitobha sisuke lapho salubhekisa kwi-English Premiership kwiTottenham Hotspur. Imbumbulu yegoli alishaya khona lingelinye lasakhunjulwa namanje.
Ushiye khona ngemuva kwezinkinga nophuzo, ujoyine iMamelodi Sundowns, waya kwiPlatinum Stars, nakwiBidvest Wits nakhona waba ngukaputeni. Udlalile nakuMaZulu FC ngaphambi kokuthi aye kwi-Eagles ahlukane nayo kungasemnandi.
Abanesifiso sokubhala incwadi nokwenza ifilimu bangathinta uTshabalala kulezi zinombolo u-084 738 9441 (Whatsapp) noma ku-076 748 4239.