OWAYENGUMDLALI webhola, uMbululelo ‘Old John’ Mabizela, ubhekene nezinsolo zokudwengula. Isithombe: Backpagepix

OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana, uMbulelo “Old John” Mabizela, unikwe ibheyili kaR1 000 emuva kokuvela enkantolo yaseMgungundlovu izolo mayelana necala lokudlwengula.

UMabizela (38) usolwa ngokudlwengula owesifazane iminyaka yakhe elinganiselwa ku-30 okuthiwa usondelene naye.

Umdlali waseMgungundlovu owazakhela udumo egijima kwi-Tottenham Hotspur ngo-2003 usolwa ngokudlwengula owesifazane kwaMachibisa, e-Edendale. ngo-Ephreli 28.

Bekungekona okokuqala uMabizela evela. Uke wavela ngoMeyi 10 icala lase lahlihliselwa izolo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

“Ngokombiko esinawo umsolwa uboshwe emuva kokuthi kuthiwe wadlwengula owesifazane. Wavela enkantolo yaseMgungundlovu ngo-Meyi 10 icala labe selihlehliswa,” kusho uCol Mbele.

Umthombo weSolezwe osondelene nodaba uthe akukona okokuqala umgilwa emangalela uMabizela. Kuthiwa uke wammangalela ngokumdlwengula kodwa wabuye walisula.

UMabizela uzakhele ugazi kubalandeli bebhola eNingizimu Afrika ngesikhathi esagijima kwiMaritzburg City ngo-2000, wasuka lapho wasayina inkontileka ne-Orlando Pirates lapho ahlala khona isikhathi esiwunyaka.

Ngenxa yethalente lakhe intendele yamwela enkundleni wasayina inkontileka ne-Tottenham Hotspur egijima kwi-English Premier League nalapho wafika wenza ezibukwayo. Kwaba isikhashana nje ngenxa yokuhluleka ukuziphatha ngo-2004 baphela ubudlwelwane phakathi kwabo. Kuthiwa wayebuye engalubhadi ejimini. UMabizela uke wagijima naseqenjini laseNorway nalapho anqoba khona iligi neqembu iValerenga. Wabe esebuyela ekhaya wagcina ekwi-Mamelodi Sundowns.