UTHOLWE emsulwa okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe obemisiwe kulo msebenzi yikomiti le-ANC ebelibheka indaba yezinsolo abebekwe zona zokuhlukumeza ngokocansi esinye sezisebenzi zale nhlangano.
Leli komiti ebeliholwa ngowayenguMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini noNksz Thoko Didiza, liphakamise ukuthi kumele le nhlangano yakhe umgomo othinta ukuhlukumeza ngokocansi.
Ummangali osebenzela ezokuxhumana kwi-ANC wakhala ngokuthi uMabe wehlisa umholo wakhe wathi wenza nezaba zokuthi alale naye.
UMnuz Zizi Kodwa, ibamba lomkhulumeli wale nhlangano, uthe izikhalazo bezimayelana nendaba yokuhlukumeza ngokocansi nezinto ezithinta ukuqasha.
Uthe ngoDisemba kube nokuvumelana ngendaba ethintan ukuqasha phakathi kwezinhlaka ebezingaboni ngaso linye, kwathi odabeni oluthinta ukuhlukumeza ngokocansi kwaba nesigcawu ngojanuwari 15 no-16.
"Zombili izinhlangothi zanikwa ithuba lokuthula ubufakazi, kwabizwa nofakazi. Ikomiti liphakamise ukuthi kumele ezinyangeni ezintathu kube nomgomo wezokuhlukumeza ngokocansi, kuqeqeshwe zonke izimenenja nabasebenzi ngalo mgomo ezweni lonke. Kumele kubhekwane nezinto ezivele ngesikhathi kunesigcawu ngezinto ezithinta ukuqasha. Ikomiti lithole ukuthi abukho ubufakazi obuthinta ukuhlukumeza ngokocansi, udaba lwavalwa kanjalo," kusho uKodwa.
Uthe ikomiti linqume ukuthi kumele imihlangano ibe sendaweni yomphakathi ingabi semakamelweni abasebenzi noma ezimenenja.
UKodwa uthe laba bobabili bazobuyela ekomkhulu lale nhlangano eLuthuli House bezosebenza ngesonto elizayo.
Odabeni lwaseNorth West, uKodwa uthe isisgungu esiphezulu senhlangano sixoxile ngodaba lwesinqumo senkantolo nendaba yokudlulisa icala.
Uthe isigungu simile ekutheni kumele kusetshenziswe izinhlaka zangaphakathi ukuxazulula izinkinga.
"Kuqokwe ithimba eliholwa yiPhini likanobhala uNksz Jessie Duarte, uDlamini kanjalo noDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ukuthola isixazululo. Amalungu kumele agxile ekutheni kukhankaselwe ukuwina ukhetho eNorth West, kwakhiwe nobumbano."
Inkantolo isanda kunquma ukuthi uSihlalo owakhishwa yile nhlangano uMnuz Supra Mahumapelo kumele abuyiselwe esikhundleni sakhe.
Khonamanjalo uSotswebhu we-ANC uMnuz Jackson Mthembu, ukuqinisekisile ukusula kwelungu le-ANC ePhalamende uDkt Zukile Luyenge, okuthiwa ujoyine i-ATM esanda kujoyinwa nguMnuz Mzwanele Manyi.
Uthe bazobhalela uSomlomo bamazise ngalokhu ukuze aphucwe isihlalo sakhe ePhalamende.