NGESIKHATHI uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga ememezela ukuthi izingane zesikole zizobuyela ezikoleni ngoJune 1, baningi abazali abazwakalise ukukhathazeka nengoba kunabafundi abavele banezifo ezinochuku njengesifo sikashukela, isifuba somoya nokunye.
Besaba ukuthi kuzoba lula ukuthi izingane zabo zitheleleke ngomkhuhlane obulalayo iCoronavirus.
UNkk Motshekga uthe yize begqugquzela abazali ukuthi badedele izingane zibuyele esikoleni, kodwa zikhona ezinye izindlela abazali abangazisebenzisa ukuqinisekisa ukuthi izingane zabo ziyayithola imfundo.
Ubale ukufundela emakhaya njengenye indlela engasetshenziswa okunokuthi ingane igcine iphinda ikilasi.
Nokho le ndlela ingazwakala ilula kodwa ongoti bezemfundo bathi zikhona izinselelo ehambisana nazo, kodwa iyenzeka ngempumelelo.
Ngokocwaningo olwashicilelwa emqulwini obizwa ngeSchool Effectiveness and School Improvement, kwavela ukuthi ojahidada abanabazali abakwaziyo ukufunda futhi abahlale bekhuluma ngezincwadi ezinganeni, basemathubeni angcono okufundisela izingane zabo emakhaya ngempumelelo. Bayakwazi nokuphumelela ezifundweni zezibalo.
“Le miphumela ichaza ngokusobala ukubaluleka kokujwayeza izingane izincwadi nokuzifundisa zisencane ukubala, ukuzifundisa ukukwazi ukukhuluma kahle izilimi, akusizi nje kuphela ukuthi ingane ikhaliphe kodwa kuyasiza nasekutheni ingane isheshe ibe bukhali ezibalweni,"kusho lolu cwaningo.
ULouise Schoonwinkel, oyisikhulu esiphezulu kwa-Impaq, uthe abafundi abangena kulolu hlelo lokufunda besemakhaya, balandela uhlelo oluqondile lokufunda loMnyango weMfundo eyisiSekelo njengoba kwenza ozakwabo abasuke beya ezikoleni. Baphinde bahlolwe ngaphansi komkhandlu ohlola abafundi Umalusi.
Ngokwalolu hlelo, umfundi uyakwazi ukubuye abuyele esikoleni ngendlela ejwayelekile uma esefuna.
Nakhu okunye okumele abazali bakwazi:
Uwena mzali obheke imfundo yengane yakho
"Lokhu kusho ukuthi uzofana nse nothisha wasesikoleni. Uzofundisa ingane yakho uqinisekise ukuthi iyakuqonda konke ekufundayo.
Kodwa uyakuthola ukucathuliswa ngendlela yokwenza lokhu,"kusho uSchoonwinkel.
Ukweseka umfundi
“Abazali abafundisela izingane emakhaya bathola indlela ecacile yokwenza lokhu. Banikwa nezincwadi ezibanika indlela yokwenza isigaba nesigaba kuzo zonke izifundo. Lezi zigaba zikunika ulwazi ngezidingo zomfundi nezindlela okuyizo zokufundiisa ingane kuleso sifundo".
“Ukwengeza kulokhu, kuba khona nezigcawu zabazali nezingane ezifundela emakhaya ezisizayo uma kukhona izinselelo ezithile ezifundweni ezithile. Lokhu kusho ukuthi niyakwazi ukusizana lapho umzali edideka khona.”
Ungesabi ukucela usizo
“Abazali abaningi bakuthola kulula ukufundisa emazingeni aphansi afana noGrade 1 kodwa ngokwenyuka kwamaGrades, bakuthole kunzima ukwenza lokhu. Yilapho ke abasuke sebedinga khona usizo. Kusuke sekumele bazame usizo kongoti bezifundo ababizwa ngamaTutor. Khumbula ukuthi kumele uhlale ubhekelela imfundo yengane yakhe kuze kufinyelele kuGrade 9.”
Landela imithetho
“Ngokomthetho kumele ubhalise ingane yakho ngaphansi kohlelo lokufundela ekhaya noMnyango wezeMfundo.”
Ama-links angakusiza:
- Impaq: www.impaq.co.za
-
Learning reimagined with Zakiyya Ismail: livingjoyfully.ca
-
How to register your child: www.schoolguide.co.za/for-parents/school-review-guidelines/1036-education-guide/11110-how-to-register-for-homeschooling-in-south-africa.html