UKUPHINDE ube nomaqondana ngemuva kokushonelwa yisithandwa, kungaba ngenkulu inselelo. Ongoti bathi kumele udlule ezigabeni ezithile ukuze impilo yakho iqhubeke ngendlela UKUPHINDE ube nomaqondana ngemuva kokushonelwa yisithandwa, kungaba ngenkulu inselelo. Ongoti bathi kumele udlule ezigabeni ezithile ukuze impilo yakho iqhubeke ngendlela
UKUSHONELWA yisithandwa sakho, okungaba wunkosikazi noma yintombi okanye umyeni noma yisoka, ngezinye zezinto ezinzima kakhulu ukumelana nazo.
Ongoti bathi okunye okuba yinkinga kakhulu wukuqhubeka nempilo ube nomunye umuntu ozomthanda ngemuva kokwehlelwa yileli lishwa.
Bathi baningi abantu abavele bakhethe ukungaphinde babe nomaqondana uma beke bashonelwa ngabantu abebebathanda ngenxa yokwehluleka wukuhloma ngolwazi oluholela ekutheni umuntu akwazi ukudlulisa nokudlulela phambili.
Baze bathi ukuphinde uqome noma uqonywe akusho ukuthi ubungamthandi umuntu wakho, kodwa usuke uqhubekela phambili nempilo.
Nakhu okungakusiza:
ZINIKE ISIKHATHI
Noma singekho isikhathi esibekiwe sokuthi kumele uzile isikhathi esingakanani uma ushonelwe othandiweyo wakho, kodwa umuntu uzazi futhi uzizwa yena. Ongoti bathi iphutha elingenziwa oshonelwe, elokusheshe umuntu afune azothandana naye isilonda singakapholi. Bathi kumele upholise isilonda kuyima ukwazi ukudlulela phambili.
UNGAZISOLI
Baningi abantu okuthi uma beqoma noma beqonywa ngemuva kokushonelwa, bezwe sengathi benza okuphambene. Bezwe sengathi ababahloniphi abathandiweyo abasuke sebedlulile emhlabeni.
Ongoti bathi ukuzizwa ngale ndlela akuyona into engajwayelekile, kodwa kumele abantu bangayivumeli. Ukufa komuntu omthandayo akumele kusho ukufa kwakho yize wena usuke usaphila. Kumele ukwamukele ukuthi ngesinye isikhathi kuzomele uqhubeke nempilo uye phambili.
UNGAPHENDULI ISOKA INDAWO YOKUTHULULA
Kungaba yiphutha elikhulu ukuthi uthululele isoka noma intombi entsha izinkinga ngeminjunju yakho, ulibelesele ngobuhlungu bokushonelwa owawuthandana naye. Kuvike nokuthi ulokhu ubala izindawo enanizihamba nezigameko ezake zanehlela engakashoni. Ngokwenza njalo, ungasibalekisa isithandwa esisha, sibone sengathi usenza isivalo sokuvala isikhathi soshonile.
UNGAPHUTHUMI
Akumele uma uqala ukuhlangana nomuntu ukade ushonelwe, bese ucabanga ukuthi usengusofa silahlane. Zinike isikhathi umazi kangcono futhi uma ukade ushadile, ungalokothi uphuthume ukuthi ushade ngoba wehluleka wukujwayela impilo yokungabi namuntu eduzane, ikakhulu kulabo abese behlale isikhathi eside nezithandwa zabo.
UNGAMQHATHANISI
Ukuqhathanisa isithandwa sakho esisha nomufi kungaba enkulu ingozi. Abantu abafani, kumele ukwamukele lokho. Yamukela futhi ukuthi ezinye izinto ebezikujabulisa ngesithandwa sakho esishonile kungenzeka ukuthi ungabe usazithola, uthole okunye okwehlukile.
ISIBAMBISO
Kungakukhathazi ukuthi uthandane nomuntu isikhathi esincane bese niyahlukana. Lokhu kuchazwa wongoti njengento eyejwayelekile futhi ebalulekile ngoba kukunikeza isikhathi sokuzifuna wena uqobo.
Ubone ukuthi yimapho lapho okusamele uqinise khona amabhawodi ukuzama ukulwa nobuhlungu obuzwile ngokushonelwa yisithandwa.
Eminye imininingwane icashunwe ku-www.PsychologyToday.com