UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema uthe akahoxe esikhundleni undunankulu wase-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane, osolwa ngenkohlakalo embikweni woMvikeli woMphakathi.
Ngokombiko ka-Adv Busisiwe Mkhwebane uMabuyane wahlomula uR450 000 emalini eyayibekelwe umngcwabo kaNksz Winnie Madikizela-Mandela ngo-2018.
UMalema ukugxekile ukuthi uMabuyane uzophonsela inselelo umbiko kaMkhwebane, wathi kumoshwa isikhathi ngoba lolu daba belungadingi ngisho ukuphenywa wuMvikeli woMphakathi.
“Balubambezela ngamabomu lolu daba ngoba izinkantolo ziyabavumela. Ayikho into ezoshintsha. Besingadingi uMvikeli woMphakathi (kulolu daba) uMnuz Cyril Ramaphosa waziswa ngale nto, wanikezwa izitatimende zasebhange, akenzanga lutho. U-Oscar kumele ahoxe. Ukuthi uwuphonsela inselelo umbiko akusho lutho, kumele ahoxe, uma kungenjalo i-ANC kufanele imxoshe,” kusho uMalema ekhuluma neSABC namhlanje ekuseni.
Kuthiwa wasebenzisa ingxenye yale mali ukulungisa umuzi wakhe.
NgoMeyi nonyaka uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule wageqa amagula ngalolu daba engxoxweni neSABC ebuza ukuthi uMabuyane akamisiwe ngani enhlanganweni njengoba ’kunobufakazi’ obethulelwa isigungu esiphezulu se-ANC ngenkohlakalo asolwa ngayo.
Ngaphandle kukaMabuyane, ne-ANC e-Eastern Cape isolwa ngokuhlomula emalini yenkonzo yomngcwabo kaMadikizela Mandela.
UMkhwebane uphakamise ukuthi abasolwa baphenywe woKlebe.