USEBUYA naseNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein owesifazane waseMzimkhulu ofuna kukhululwe indodana yakhe ejele egwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula athi ayilenzanga.
UNkk Noncedo Tshaka, waKwaMeyi eMzimkhulu kodwa ohlala eCape Town ngomsebenzi, ngoLwesithathu ubeseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ezolalela icala lendodana yakhe uThemba Ntshaka (27).
Lona wesifazane uthi enye yamadoda amabili adonsa isigwebo noThemba ngaleli cala yabhala incwadi efungelwe emaphoyiseni yenza nezitatimende ukuthi indodana yakhe ibhecwa ngobubende wumakhelwane.
Elandisa iphephandaba ngokwenzeka, uNkk Tshaka uthi ngo-2011 kuthiwa kwangena amadoda amathathu emzini wekhehla elingumakhelwane wakhe elalibuya kohola impesheni baliphanga.
“La madoda akhahlela isicabha angena endlini amfuna imali umkhulu. Kuthiwa waxolisa wakhomba la madoda ejazini lakhe ethi abayithathe khona imali, bangambulali. Sebeyithathile imali enguR1 000 kuthiwa la madoda adlulela ekamelweni likamakoti wakulo muzi afike amdlwengula eshintshana ngaye,” kulandisa uNkk Tshaka.
Uthe ngakusasa amaphoyisa akhahlela umnyango wakwakhe abopha uThemba engagqokile emfuna abangani bakhe.
“Ngesikhathi secala ummangali wathi wadlwengulwa ngamadoda amathathu kodwa akachazanga ukuthi uThemba wayekhona. Indodana yami yaboshelwa ukuthi yayiwumngani wababoshwa, behlezi bendawonye ngakho amaphoyisa kwathi mhlazane esebopha abasolwa ababili acabanga ukuthi nakanjani umsolwa wesithathu indodana yami kanti akunjalo. Umuntu wesithathu odidaniswa nendodana yami kuthiwa waboshelwa elinye icala lokudlwengula,” kusho uNksz Tshaka.
UTshaka udonsa udilikajele eNew Prison eMgungundlovu. Unina uthi usechithe uR160 00 efuna kwenzeke ubulungiswa ngaleli cala.
“Sengichithe imali eningi njengoba ngibuya eBloemfontein.
Ngiyethemba ubulungiswa buzokwenziwa ekugcineni,” kusho uNkk Tshaka.
Uthe uma ikhululwa indodana yakhe, uzimisele ngokumangalela uMbuso ngokubhadla kwendodana yakhe ejele ngecala engalenzanga.
UMnuz Derrick Mdluli weJustice for Prisoners and Detainees Trust for Human Rights, uthe inhloso yabo wukubona ubulungiswa benzeka kuleli cala.
Uthe njengoba abameli befake izethulo ezintsha enkantolo, unesiqiniseko amajaji azomkhipha phambili uTshaka.
“Ekuqaleni amajaji abona ukuthi kunobudedengu obenzeka kuleli cala emantshini eyayilisingethe (eMzimkhulu). Isinqumo senkanolo sizokhombisa ukuthi uThemba uhlale iminyaka eyisikhombisa ejele ehlalele into angayenzanga. Emva kwalokho sizofunda izitatimende zecala nesigwebo bese sibopha uMbuso,” kusho uMdluli.